Skip to Content

IsiHlabelelo seziHlabelelo Chapter 3

1 Ebusuku embhedeni wam i ngamfuna othandwa ngumphefumulo wami ; ngamfuna, kepha angimtholanga. 2 Ngiyakuvuka, ngihambahambe emzini , ezitaladini nasezigcawini ; ngiyakufuna othandwa ngumphefumulo wami ; ngamfuna, kepha angimtholanga. 3 Abalindi bangifuman a behambahamba emzini : Nimbonile othandwa ngumphefumulo wami na? 4 Ngangidlule kancane nje kubo; ngase ngimthola othandwa ngumphefumulo wami; ngambamba, angivumanga ukuba ahambe, ngaze ngamngenisa endlini kamame nasekamelweni lowangikhulisayo. 5 Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema , ngezinsephe nangezindluzelekazi zasendle ukuba ningalunyakazisi, ningaluvusi uthando, lungakavumi. Udwendwe lomthimba 6 Ngubani owenyuka ehlane njengezinsika zomusi , eqhole ngemure nangenhlaka, nangawo onke amakha omthengi, na? 7 Bheka, luhlaka lukaSolomoni ! Amaqhawe angamashumi ayisithupha aluzungezile emaqhaweni akwa-Israyeli. 8 Onke aphethe i zinkemba, afundile ukulwa ; yilowo nalowo muntu unenkemba yakhe okhalweni lwakhe ngokwesaba ebusuku. 9 Inkosi uSolomoni izenzele uhlaka ngemithi yaseLebanoni. 10 Yenza izinsika zalo ngesiliva , nephansi lalo ngegolide , nesihlalo salo ngokububende, ubuphakathi balo bugandaywe ngothand o lwamadodakazi aseJerusalema. 11 Phumani nina madodakazi aseJerusalema , nibone inkosi uSolomoni , inomqhele eyawuqheliswa ngunin a ngosuku lokugcagca kway o nangomhla wokuthokoza kwenhliziyo yayo.