UmShumayeli Chapter 9
1
Ngokuba konke lokho ngakubeka enhliziyweni yami ukuhlola konke lokho ukuthi abalungileyo nabahlakaniphileyo nemisebenzi yabo kusesandleni sikaNkulunkulu; noma kulu thando noma kuyinzondo , akukho muntu okwaziyo; konke kusebusweni babo.
2
Konke kungabehlela bonke , olungileyo nomubi, omuhle nohlambulukileyo nongcolileyo, onikela ngomhlatshelo nong enawo umhlatshelo , omuhle abe njengesoni, ofungayo njengowesaba isifungo.
3
Kubi lokhu kukho konke okwenziwa phansi kwelanga ukuthi bonke behlelwa yinto inye ; ngalokho izinhliziyo zamadodana abantu zigcwele ububi, nobuhlanya busezinhliziyweni zabo besekhona , andukuba baye kwabafileyo.
4
Ohlangene nabo bonke abaphilayo kukhona ithe mba kuye , ngokuba inja ephilayo ingcono kunengonyama efileyo.
5
Ngokuba abaphilayo bayazi ukuthi bayakufa , kepha abafileyo abazi lutho , futhi abasenawo umvuzo, ngokuba ukukhunjulwa kwabo sekukhohlakele.
6
Uthando lwabo , nokuzonda kwabo , nomhawu wabo sekuphel ile, futhi abasenaso isabelo nanini kukho konke okwenziwa phansi kwelanga.
7
Hamba udle isinkwa sakho ngentokozo , uphuze iwayini ngenhliziyo enhle, ngokuba uNkulunkulu usevumile imisebenzi yakho.
8
Izingubo zakho mazibe mhlophe ngezikhathi zonke , nekhanda l akho malingasweli amafutha.
9
Thokoza ngokuphila nomkakho omthandayo zonke izinsuku zokuphila kwakho okuyize, oziphiwayo phansi kwelanga zonke izinsuku zakho eziyize , ngokuba lokhu kuyisabelo sakho kulokho kuphila ngomshikashika wakho owushikashikayo phansi kwelanga.
10
Konke isandla sakho esikufumanayo ukukwenza, kwenze ngamandla akho, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.
11
Ngabuye ngabona phansi kwelang a ukuthi ukujaha akuyi ngabanejubane , nokulwa ngamaqhawe , nesinkwa ngabahlakaniphileyo , nengcebo ngabaqondileyo, nomusa ngabanokwazi , ngokuba bonke bahlangabezana nesikhathi nethuba.
12
Ngokuba umuntu akasazi isikhathi sakhe ; njengezinhlanzi ezibanjwa enetheni elib i nezinyoni ezibanjwa ogibeni , kanjalo amadodana abantu abekelwa isihibe ngesikhathi esibi, lapho siwehlela ngokuzumayo.
13
Ngabona futhi ukuhlakanipha ngale ndlela phansi kwelanga , kwaba kukhulu kimi:
14
kwakukhona umuzi omncane , unabantu abayingcosana phakathi kwawo ; kwafika inkosi enkul u kuwo , yawuvimbezela, yakha izinqaba ezinkulu ngakuwo;
15
kepha kwafunyanwa kuwo indoda empofu ehlakaniphileyo ; yawukhulula umuzi ngokuhlakanipha kwayo, kodwa nokho akakho okhumbula leyo ndoda empofu.
16
Ngase ngithi : Ukuhlakanipha kuhle kunamandla , kepha ukuhlakanipha kompofu kuyadelelwa, namazwi akhe awezwakali.
17
Amazwi abahlakaniphileyo ezwakalayo ekuthulen i mahle kunokumemeza kobusa phakathi kweziwula.
18
Ukuhlakanipha kungcono kunezikhali zokulwa , ngokuba oyedwa owonayo angachitha okuhle okuningi.