UHezekeli Chapter 43
1
Wayesengiyisa esangweni, isango elibheke ngasempumalanga;
2
bheka, inkazimulo kaJehova ka-Israyeli yavela ngasempumalanga , izwi lakhe lalinjengokuholoba kwamanzi amaningi , umhlaba wakhanya ngenkazimulo yakhe.
3
Kwaba njengesimo sombono engawubonayo , yebo, njengombono engawubona lapho ngeza ukuwuchitha umuzi ; imibono yayinjengombono engawubona ngasemfuleni iKhebari; ngawa ngobuso bami.
4
Inkazimulo kaJehova yangena endlini ngendlela yesango elibheke ngasempumalanga.
5
UMoya wangiphakamisa , wangingenisa egcekeni elin gaphakathi; bheka, inkazimulo kaJehova yayigcwalisa indlu.
6
Ngase ngizwa okhuluma kimi ephakathi kwendlu ; kwakumi umuntu eceleni kwami.
7
Wathi kimi: Ndodana yomuntu, lokhu kuyindawo yesihlalo sami sobukhosi, nendawo yamathe ezinyawo zami , lapho ngiyakuhla la khona phakathi kwabantwana bakwa -Israyeli kuze kube phakade ; indlu yakwa -Israyeli ayisayikulingcolisa igama lami elingcwele , yona namakhosi ayo , ngokuphinga kwayo nangezidumbu zamakhosi ayo ezindaweni zayo eziphakemeyo,
8
bebeka umbundu wabo ngasembundwi ni wami , nensika yabo yomnyango eceleni kwensika yami , kube ludo nga kuphela phakathi kwami nabo , belingcolisa igama lami elingcwele ngezinengiso zabo abazenzileyo , okungalokho ngabaqeda ngolaka lwami.
9
Manje mabadedisele kude nami ukuphinga kwabo , nezidumbu zamakhosi abo, ngihlale phakathi kwabo kuze kube phakade.
10
Wena ndodana yomuntu , bonisa abendlu yakwa -Israyeli le ndlu ukuba babe namahloni ngobubi babo, balinganise isimo sayo.
11
Uma benamahloni ngakho konke abakwenzileyo, mawubazise isimo sendlu, nokubonakala kwayo , nezindawo zayo zokuphuma , nezindawo zayo zokungena, yebo, sonke isimo sayo kanye nazo zonke izimiso zayo , nazo zonke izimo zazo kanye nayo yonke imithetho yayo , ukulobe emehlweni abo ukuba bagcine sonke isimo sayo nazo zonke izimiso zayo, bazenze. Inkonzo yethempeli elisha
12
Nanku umthetho wendlu: esiqongweni sentaba wonke umkhawulo wayo nxazonke uyakuba ngcwele kakhulu. Bheka, lokhu kungumthetho wendlu.
13
Lezi zaziyizilinganiso ze -altare ngezingalo , ingalo iyingalo nobubanzi besandla: isinqe sasiyingalo ukuphakama kwaso , nobubanzi buyingalo ; umncele walo ngaseceleni kwalo nxazonke wawunjengokudazuluka kweminwe; lokhu kwakungukuphakama kwe-altare;
14
kusukela esinqeni emhlabathini kuze kube sonqenqemeni oluphansi kwakuyizingalo ezimbili , ububanzi buyingalo ; kusukela onqenqemeni oluncane kuze kube sonqenqemeni olukhulu kwakuyizingalo ezine , ububanzi buyingalo.
15
I-altare laliyizingalo ezine ; kusukela e -altare kuya phezulu kwakukhona izimpondo ezine.
16
I-altare, ubude balo babuyizingalo eziyis humi nambili , ububanzi balo buyizingalo eziyishumi nambili, linezinhlangothi ezine ezilingeneyo.
17
Unqenqema, ubude balo , babuyizingalo eziyishumi nane , ububanzi balo bungeziyishumi nane ezinhlangothini zalo zozine ; umncele nxazonke kwalo wawuyinxenye yeng alo; isinqe salo sasiyingalo nxazonke , izinyathelo zalo zibheke ngasempumalanga.
18
Wayesethi kimi: Ndodana yomuntu, isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Nazi izimiso ze -altare mhla beyakulenza ukuba bashise umnikelo wokushiswa phezu kwalo, balifafaze ngegazi.
19
Uyakunika abapristi bamaLevi abozalo lukaSadoki , abaseduze kimi , isho iNkosi uJehova, ukuba bangikhonze, iduna libe ngumnikelo wesono.
20
Uyakuthatha okwegazi layo , ulibhece ezimpondweni zalo zozine , nasemagumbini omane onqenqema , nasemnceleni nxazonke, ulihlambulule, ulenzele ukubuyisana.
21
Uyakuthatha inkunzi yomnikelo wesono , ishiswe endaweni yendlu emiselweyo ngaphandle kwendlu engcwele.
22
Ngosuku lwesibili uyakunikela ngempongo engenasici , ibe ngumnikelo wesono; bayakuhlambulula i-altare njengokulihlambulula ngenkunzi.
23
Lapho usuqede ukulihlambulula , uyakunikela ngeduna elingenasici nangenqama yezimvu engenasici.
24
Uyakukusondeza phambi kukaJehova , abapristi bathele usawoti kukho , banikele ngakho, kube ngumnikelo wokushiswa kuJehova.
25
Izinsuku e ziyisikhombisa uyakulungisa imihla yonke impongo ibe ngumnikelo wesono, kulungiswe neduna nenqama yezimvu, okungenasici.
26
Izinsuku eziyisikhombisa bayakwenzela i -altare ukubuyisana , balihlambulule, balingcwelise.
27
Lapho seziphelile izinsuku , kuyakuba ng osuku lwesishiyagalombili naphambili ukuba abapristi bayilungise iminikelo yenu yokushiswa e -altare neminikelo yenu yokuthula, nginamukele, isho iNkosi uJehova.