"ezinkulu"
75 occurrences in ZUL
UNkulunkulu wazenza izinkanyiso ezimbili ezinkulu , inkanyiso enkulu ukuba ibuse imini , nenkanyiso encane ukuba ibuse ubusuku , kanye nezinkanyezi.
Ngalokho yisho kubantwana bakwa -Israyeli ukuthi : NginguJehova; ngizakunikhipha emithwalweni yabaseGibithe, nginikhulule ebugqileni benu, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezahlulelo ezinkulu.
Kepha uFaro akayikunilalela ; ngiyakubeka isandla sami phezu kweGibithe , ngikhiphe amabandla ami , isizwe sami , abantwana bakwa -Israyeli, ezweni laseGibithe ngezahlulelo ezinkulu.
Akube yizona ezahlulela abantu ngezikhathi zonke , kulethwe kuwe zonke izindaba ezinkulu ; kepha zonke izindaba ezincane zahlulelwe yizo uqobo , kuze kube lula kuwe, zithwalisane nawe.
ukuba axoshe izizwe ezinkulu nezinamandla kunawe phambi kwakho , angenise wena, akunike izwe labo libe yifa lakho njenganamuhla.
uJehova wenza izibonakaliso nezimangaliso ezinkulu nezesabekayo phezu kweGibithe, naphezu kukaFaro, naphezu kwayo yonke indlu yakhe phambi kwamehlo ethu,
Lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakukungenisa ezweni oya kulo ukulidla, axoshe izizwe eziningi phambi kwakho , amaHeti, namaGirigashi, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, izizwe eziyisikhombisa ezinkulu nezinamandla kunawe,
izilingo ezinkulu azibonayo amehlo akho , nezibonakaliso, nezimangaliso, nesandla esinamandla , nengalo eyelul iweyo uJehova uNkulunkulu wakho akukhipha ngakho ; uyakwenza kanje uJehova uNkulunkulu wakho kuzo zonke izizwe ozesabayo.
Yizwa, Israyeli: Wena uyakuwela iJordani namuhla , ungene udle izizwe ezinkulu nezinamandla kunawe , imizi emikhulu nebiyelwe kuze kube sezulwini,
Uludumo lwakho , unguNkulunkulu wakho okwenzele lezi zinto ezinkulu nezesabekayo azibonileyo amehlo akho.
uJehova uyakwenza izifo zakho ukuba zimangalise , kanye nezifo zenzalo yakho, izifo ezinkulu ezihlala isikhathi eside nokugula okubi okuhlala isikhathi eside.
Ngokuba uJehova uxoshile ngaphambi kwenu izizwe ezinkulu ezinamandla, kepha nina, akukho muntu omile phambi kwenu kuze kube namuhla.
USawule wathi kuDavide: Mawubusiswe wena ndodana yami Davide ; uyakwenza izinto ezinkulu , uphumelele kahle . Wayesehamba uDavide ngendlela yakhe, uSawule wabuyela endaweni yakhe.
Yisiphi isizwe nesisodwa emhlabeni esinjengabantu bakho u -Israyeli, uNkulunkulu ayakuzihlengela bona ukuba babe ngabantu bakhe , azenzele igama, anenzele nina izinto ezinkulu, alenzele izwe lakini izinto ezesabekayo phambi kwabantu bakho owazihlengela bona eGibithe ezizweni nakubo onkulunkulu bazo, na?
ngaphandle kwezinduna ezinkulu zikaSolomoni ezaziphethe umsebenzi , izinkulungwane ezintathu namakhulu amathathu , ezazibusa abantu ababewenza umsebenzi.
Izinduna ezinkulu ezaziphethe umsebenzi kaSolomoni zazingamakhulu ayisihlanu namashumi ayisihlanu ; zaziphethe abantu ababesebenza emsebenzini.
Inkosi yayisilokhu ikhuluma noGehazi inceku yomuntu kaNkulunkulu ukuthi: Ake ungilandise zonke izinto ezinkulu azenzileyo u-Elisha.
Washisa indlu kaJehova nendlu yenkosi; nazo zonke izindlu zaseJerusalema, zonke izindlu ezinkulu, wazishisa ngomlilo.
Yisiphi isizwe emhlabeni esinjengabantu bakho u -Israyeli, uNkulunkulu aya ukuzihlengela bona babe ngabantu bakhe , ukukwenzela igama ngezinto ezinkulu nezesabekayo ngokuxosha abezizwe ebusweni babantu bakho owabahlenga eGibithe, na?
Kepha izwi likaJehova lafika kimi , lathi: U chithile igazi eliningi , uphake izimpi ezinkulu ; awuyikwakhela igama lami indlu , ngokuba uchithe igazi eliningi emhlabathini emehlweni ami;
Lezo zazi yizinduna ezinkulu zenkosi uSolomoni ; zazingamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, zazibusa phezu kwabantu.
Uyise wabanika izipho ezinkulu zesiliva nezegolide, namagugu kanye nemizi ebiyelweyo kwaJuda , kepha umbuso wawunika uJehoramu , ngokuba wayeyizibulo.
kwakukhona umuzi omncane , unabantu abayingcosana phakathi kwawo ; kwafika inkosi enkul u kuwo , yawuvimbezela, yakha izinqaba ezinkulu ngakuwo;
Zonke izitsha zendlu kaNkulunkulu , ezinkulu nezincane, nengcebo yendlu kaJehova, nengcebo yenkosi neyezikhulu zayo , konke lokho wakuyisa eBabele.
Yebo, lapho bezenzele ithole elibunjiweyo bethi : Leli linguNku lunkulu wakho owakukhuphula eGibithe, benza izithuko ezinkulu,
Kepha babengalaleli , bakuhlubuka, balahla nyovane umthetho wakho , bababulala abaprofethi bakho abafakaza ngabo ukubabuyisela kuwe , benza izithuko ezinkulu.
Ngubani ositheza iziluleko engenakwazi na ? Ngikhulumile lokho ngingakuqondanga, izimangaliso ezinkulu kunami ebengingazazi.
Yilonde inceku yakho nasezonweni ez ihlazisayo; mazingabusi phezu kwami. Yikhona ngiyakube ngiphelele , ngingabe ngisaba necala eziphambekweni ezinkulu.
Ukulunga kwakho, Nkulunkulu, kufinyelele ezulwini; wena owenze izinto ezinkulu, Nkulunkulu, ngubani onjengawe na?
Umlomo wethu wawusugcwala ukuhlek a nolimi lwethu ukuhuba ; bathi phakathi kwabezizwe: UJehova ubenzele izinto ezinkulu.
Jehova, inhliziyo yami ayikhukhumali, amehlo ami awaziphakamisi ; angingeni ezindabeni ezinkulu nasezintweni ezingahlulayo.
Uyazifunela izinto ezinkulu na ? Ungazifuni, ngokuba bheka , ngiyakwehlisela inyama yonke okubi , usho uJehova , ngikunike ukuphila kwakho kube yimpango ezindaweni zonke lapho uya khona.
Ngokuba bheka, ngiyakuvusa, ngenyusele eBabele ibandla lezizwe ezinkulu , livela ezweni lasenyakatho , lizihlelele lona , linqotshwe lapho ; imicibisholo yalo iyakuba njengeyeqhawe eliphumelelayo, elingabuyi ze.
Washisa indlu kaJehova nendlu yenkosi ; nazo zonke izindlu zaseJerusalema, zonke izindlu ezinkulu, wazishisa ngomlilo.
Wathi kimi : Ndodana yomuntu , uyabona yini abakwenzayo , izinengiso ezinkulu indlu yakwa -Israyeli ezenzayo lapha ukuba ngidede kude nendlu yami engcwele na? Kepha uyakubuye ubone ezinye izinengiso ezinkulu.
Wathi kimi : Uyakubona lokho wena ndodana yomuntu na ? Uyakubuye ubone izinengiso ezinkulu kunalezi.
Zonke iziny oni zezulu zakha emagatsheni awo , zonke izilwane zasendle zazalela phansi kwezingatsha zawo ; emthunzini wawo zahlala zonke izizwe ezinkulu.
Inkosi yamkhulisa uDaniyeli , yamupha izipho eziningi ezinkulu , yamenza ukuba abuse sonke isifunda saseBabele , abe ngu mholi wababusi babahlakaniphileyo baseBabele.
Ngabuka izimpondo ; bheka, kwavela phakathi kwazo olunye uphondo , oluncane, okungaphambi kwalo ezintathu zezimpondo zokuqala zasimbulwa; futhi bheka , kulolo phondo kwakukhona amehlo anjengamehlo omuntu , nomlomo okhuluma izinto ezinkulu.
nangezimpondo eziyishumi ezazisekhanda laso, nolunye olwavelayo, ezawa phambi kwalo ezintathu , lolo phondo olwalunamehlo nomlomo owawukhuluma izinto ezinkulu , olukubonakala kwalo kwakukukhulu kunezinye.
Ngiyakudedisela kude nani owasenyakatho, ngimxoshele ezweni elomileyo nelichithakeleyo, ubuso bakhe bube ngaselwandle lwasempumalanga, umuva wakhe ube ngaselwandle lwasentshonalanga , kukhuphuke ukunuka kwakhe , kwenyuke iphunga lakhe elibi; ngokuba wenzile izinto ezinkulu.
Zwakalisani ezindlini zamakhosi zase -Ashidodi, nasezindlini zamakhosi zasezweni laseGibithe , nithi: Buthanani ezintabeni zaseSamariya , nibone izidumo ezinkulu eziphakathi kwalo, nokucindezelwa okukulo.
Kwathi esefikile ngaphesheya ezweni lamaGadara , kwahlangana naye ababili abakhwelwe ngamademoni , bephuma emathuneni , beyizidlova ezinkulu ngangokuba kwakungedlule muntu ngaleyo ndlela.
Ngokuba kuyakuvela okristu bamanga nabaprofethi bamanga , baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso , ukuze kudukiswe nabakhethiweyo , uma kungenzeka.
UJesu wathi kuye: Uyabona lezi zakhiwo ezinkulu na? Akuyikushiywa itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.
Wayesethi: Ngizakwenza lokhu: ngizakudiliza izinqolobane zami, ngakhe ezinkulu, ngibuthele khona ukudla kwami konke nempahla yami.
kuyakuba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba , nobhici, nendlala izindawo ngezindawo , kube khona izinto ezesabekayo nezibonakaliso ezinkulu ezivela ezulwini.
Wasuka uSimoni Petru , walihudulela emhlabathini inetha . Ligcwele izinhlanzi ezinkulu , ziyikhulu namashumi ayisihlanu nantathu ; noma zingako, inetha alidabukanga.