AmaHubo Chapter 131
1
Jehova, inhliziyo yami ayikhukhumali, amehlo ami awaziphakamisi ; angingeni ezindabeni ezinkulu nasezintweni ezingahlulayo.
2
Ngiduduzile, ngawuthulisa umphefumulo wami ; njengomntwana olunyuliweyo kunina , njengolumulekileyo, unjalo umphefumulo wami phakathi kwami.
3
Israyeli, yethemba uJehova kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade.