AmaHubo Chapter 132
1
Jehova, mkhumbulele uDavide zonke izinhlupheko zakhe
2
ukuthi wafunga kuJehova , wenza isithembiso kuye onguMninimandla kaJakobe, ethi:
3
Angiyikungena etendeni lendlu yami; angiyikwenyukela embhedeni wami;
4
angiyikunika amehlo ami ubuthongo, nezinkophe zami ukozela
5
ngingakatholeli uJehova indawo, indlu yonguMninimandla kaJakobe.
6
Bheka, sizwile ngakho e-Efratha, sakufumana ezweni laseJari.
7
Masingene endlini yakhe, sikhuleke ngasesenabelweni sezinyawo zakhe.
8
Vuka, Jehova, uye ekuphumuleni kwakho , wena nomphongolo wamandla akho.
9
Abapristi bakho mabembeswe ukulunga, abangcwele bakho bethabe.
10
Ngenxa yenceku yakho uDavide mawungaphenduli ubuso bogcotshiweyo wakho.
11
UJehova ufungile kuDavide ngeqi niso, akabuyi kukho , ethi: Owenzalo yomzimba wakho ngiyakumbeka esihlalweni sakho sobukhosi.
12
Uma abantwana bakho begcina isivumelwano sam i nobufakazi bami engiyakubafundisa bona , khona abantwana babo bayakuhlal a esihlalweni sakho kuze kube phakade.
13
Ngokuba uJehova ukhethile iSiyoni ; ulithandile libe yindawo yakhe yokuhlala:
14
Yona ingeyokuphumula kwami kuze kube phakade ; lapha ngiyakuhlala khona, ngokuba ngiyifunile.
15
Ngiyakubusisa kakhulu ukudla kwalo ; abampofu balo ngiyakubasuthisa ngesinkwa.
16
Abapristi balo ngiyakubembesa insindiso; abangcwele balo bayakumemeza nokumemeza ngenjabulo.
17
Ngiyakuhlumisa uphondo lukaDavide , ogcotshiweyo wami ngimlungisele isibani.
18
Izitha zalo ngiyakuzembesa ihlazo , kepha kuyena uqobo umqhele wakhe uyakukhazimula.