Skip to Content

AmaHubo Chapter 133

1 Bheka, kuhle, kumnandi kangaka ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye. 2 Kufana namafutha amahle ekhanda ehlela esilevini , isilevu sika -Aroni, ehlela nasemphethweni wezambatho zakhe. 3 Kufana namazolo aseHermon i ehlela ezintabeni zaseSiyoni . Ngokuba uJehova wayaleza khona isibusiso, yebo, ukuphila kuze kube phakade.