Skip to Content

AmaHubo Chapter 130

1 Ngikhala kuwe Jehova ngisotweni phansi. 2 Nkosi, yizwa izwi lami; izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami. 3 Uma wena Jehova uqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na? 4 Kepha ukuthethelela kukuwe, ukuze wesatshwe. 5 Ngiyalindela uJehova , umphefumulo wami uyalinda ; ngiyalethemba izwi lakhe. 6 Umphefumulo wami uyalindela iNkosi kunabalindi belindela ukusa. 7 U-Israyeli makamethembe uJehova , ngokuba umusa ukuJehova , nokukhulula okuningi kukuye. 8 Uyakumhlenga u-Israyeli eziphambekweni zakhe zonke.