AmaHubo Chapter 129
1
Bangihluphile kaningi kwasebusheni bami, makasho njalo u-Israyeli.
2
Bangihluphile kakhulu, nokho abangahlulanga.
3
Abalimi balima emhlane wami, benza ibe mide imisele yabo.
4
UJehova ulungile; unqumile izintambo zababi.
5
Mabajabhiswe, babuyiselwe emuva bonke abazonda iSiyoni.
6
Mababe njengotshani ophahleni, obubuna bungakakhuli.
7
Ovunayo akagcwalisi ngabo isandla sakhe , nobopha izinyanda izingalo zakhe.
8
Abadlulayo abasho ukuthi : Isibusiso sikaJehova masibe phezu kwenu; siyanibusisa egameni likaJehova.