Skip to Content

AmaHubo Chapter 128

1 Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova, abahamba ngezindlela zakhe. 2 Ngokuba uyakudla umsebenzi wezandla zakho ; uyakuba nenhlanhla nempumelelo. 3 Umkakho uyakuba njengomnqumo othelayo phakathi kwendlu yakho , abantwana bakho babe njengezithombo zomnqumo, bezungeza itafula lakho. 4 Ngokuba bheka, kanjalo iyakubusiswa indoda emesabayo uJehova. 5 UJehova makakubusise eseSiyoni ; uyakubona inhlanhla yaseJerusalem a zonke izinsuku zokuphila kwakho. 6 Uyakubona abantwana babantwana bakho . Ukuthula makube phezu kuka - Israyeli.