Skip to Content

AmaHubo Chapter 127

1 Uma uJehova engayakhi indlu , basebenzela ize abayakhayo ; uma uJehova engalondolozi umuzi, umlindi wawo ulindela ize. 2 Kuyize kini ukuba nivuke ekuseni , nephuze ukuphumula , nidle isinkwa sezinhlupheko, ngokuba uyamupha othandiweyo wakhe esalele. 3 Bheka, abantwana bayifa elivela kuJehova, isithelo sesisu singumvuzo. 4 Njengemicibisholo esandleni seqhawe banjalo abantwana bobusha. 5 Ibusisiwe indoda emgodla wayo ugcwele bona ; abayikujabha lapho bekhuluma nezitha zabo esangweni.