UJeremiya Chapter 45
1
Izwi uJeremiya , umprofethi, alikhuluma kuBaruki, indodana kaNeriya , ekulobeni kwakhe lawa mazwi encwadini, ewathatha emlonyeni kaJeremiya, ngomnyaka wesine kaJehoyakimi , indodana kaJosiya , inkosi yakwaJuda , lokuthi:
2
Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli kuwe Baruki:
3
Uthi wena : M aye kimina! Ngokuba uJehova wenezele usizi ebuhlungwini bami, ngikhathele ukukhala, nokuthula angikufumani.
4
Uyakusho kanje kuye , uthi: U sho kanje uJehova , uthi: Bheka, lokho engikwakhileyo ngiyakukudiliza, nalokhu engikutshalileyo ngiyakukusiphula, yebo, ezweni lonke.
5
Uyazifunela izinto ezinkulu na ? Ungazifuni, ngokuba bheka , ngiyakwehlisela inyama yonke okubi , usho uJehova , ngikunike ukuphila kwakho kube yimpango ezindaweni zonke lapho uya khona.