Skip to Content

UJobe Chapter 5

1 Ake umemeze ; ukhona okuphendulayo na ? Uyakuphendukela kumuphi kwabangcwele na? 2 Ngokuba isiwula siyabulawa ngukukhathazeka, nomhawu uyachitha oyisiphukuphuku. 3 Mina ngibonile isiwula sigxilile , kepha ngaqalekisa indlu yaso ngokuzumayo. 4 Abantwana baso bakude nokusindiswa , bachotshozwa esangweni ; akakho obophulayo, 5 abakuvuna kwabo kudliwa ngabalambileyo, bakukhipha nasemeveni ; abanxanelayo basezela impahla yabo. 6 Ngokuba usizi aluveli othulini, nokuhlupheka akuphumi emhlabathini, 7 ngokuba umuntu uzalelwa ukuhlupheka , njengokuba izinhlansi ziqhashela phezulu. 8 Kodwa mina bengiyakumfuna uNkulunkulu; kuNkulunkulu bengiyakubeka indaba yami, 9 yena owenza izinto ezinkulu ezingaphenyekiyo , izimangaliso ezingenakubalwa, 10 yena onisa imvula emhlabeni, athume amanzi ebusweni bamasimu, 11 ukuze aphakamise abayizimpofana nabadabukiley o baphakanyiselwe ukusindiswa. 12 Uyachitha amacebo abanobuqili , ukuze izandla zabo zi ngabi nakufeza umgomo wabo. 13 Uyabamba abahlakaniphileyo ebuqilini babo ; isiluleko soyisigwegwe siyachithwa ngokuphuthuma. 14 Emini bahlangana nobumnyama, baphumputha emini njengasebusuku. 15 Uyasindisa enkembeni yemilomo yabo , yebo, abampofu esandleni sonamandla. 16 Ompofu usenethemba; ububi buvala umlomo wabo. 17 Bheka, ubusisiwe lowo muntu uNkulunkulu amlayayo; ngalokho ungadeleli ukukhuzwa nguSomandla. 18 Ngokuba uma ezwisa ubuhlungu, ubuye abophe; uyalimaza, kepha izandla zakhe zibuye zelaphe. 19 Uyakophula ezinhluphekweni eziyisithupha ; yebo, nakweziyisikhombisa awuyikuthintwa ngokubi. 20 Endlaleni uyakukuhlenga ekufeni nasempini emandleni enkemba. 21 Uyakufihlwa enkalivasini yolimi; awuyikwesaba lapho kufika ukuchitha. 22 Uyakuhleka incithakalo nendlala, nezilo zomhlaba awuyikuzesaba. 23 Ngokuba unesivumelwano namatshe asendle ; izilo zasendle zihlalisana kahle nawe. 24 Uyakwazi ukuthi itende lakho linokuthula ; uyakuhambela indlu yakho , awuyikusilalelwa lutho. 25 Uyakwazi ukuthi inzalo yakho iyakuba nkulu , abantwana bakho babe njengotshani bomhlaba. 26 Uyakufika ethuneni usuthi ngobudal a njengeqhinqa lamabele ngesikhathi salo. 27 Bheka, lokho sikuphenyile; kunjalo; kuzwe, uzazele khona.