UGenesise Chapter 12
1
UJehova wathi ku -Abrama: Phuma ezweni lakini , nasezihlotsheni zakho , nasendlini kayihlo, uye ezweni engiyakukukhombisa lona.
2
Ngiyakukwenza isizwe esikhulu , ngikubusise, ngenze igama lakho libe likhulu, wena ube yisibusiso.
3
Ngiyakubabusisa abakubusisayo , nokuqalekisayo ngiyakumqalekisa ; imindeni yonke yomhlaba iyakubusiswa kuwe.
4
Wayesesuka u -Abrama, njengalokho uJehova emtshelile ; uLoti wahamba naye; u-Abrama wayeneminyaka engamashumi ayisikhombisa nanhlanu mhla ephuma eHarana.
5
U-Abrama wathatha uSarayi umkakhe , noLoti indodana yomfowabo , nempahla yonke ababeyibuthile , nezinceku ababezitholile eHarana ; basuka ukuya ezweni laseKhanani; bafika-ke ezweni laseKhanani. Ukufika kuka-Abrama eKhanani
6
U-Abrama wadabula izwe , waze wafika endaweni yaseShekemi nase -okini laseMore; amaKhanani ayesekhona ezweni.
7
UJehova wabonakala ku -Abrama, wathi: Leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho. Wamakhela khona i-altare uJehova owayebonakele kuye.
8
Wayesesuka lapho, waya entabeni ngasempumalanga kwaseBethele, wamisa itende lakhe , iBethele lingasentshonalanga ne -Ayi lingasempumalanga ; wamakhela khona uJehova i-altare, wakhuleka egameni likaJehova.
9
Ngasemuva u-Abrama wahamba waqonda njalo ngaseningizimu. Ukuhamba kuka-Abrama ukuya eGibithe
10
Kwakukhona indlala ezweni ; u-Abrama wehlela eGibithe ukuba agogobale khona, ngokuba indlala yayinzima ezweni.
11
Kwathi esasondela ukungena eGibithe , wathi kuSarayi umkakhe: Bheka-ke, ngiyazi ukuthi ungowesifazane omuhle, obukekayo.
12
Kuyakuthi ukuba abaseGibithe bakubone , bathi: Ngumkakhe lowo , bazakungibulala mina, bakulonde wena.
13
Mawuthi ungudadewethu , ukuze kube kuhle kimi ngenxa yakho , umphefumulo wami uphile ngenxa yakho.
14
Kwathi u-Abrama efika eGibithe , abaseGibithe babona owesifazane ukuthi muhle kakhulu.
15
Izinduna zikaFaro zambona , zambabaza phambi kukaFaro ; owesifazane wangeniswa endlini kaFaro.
16
U-Abrama waphathwa kahle ngenxa yakhe ; waba nezimvu, nezinkabi, nezimbongolo, nezinceku, nezincekukazi, nezimbongolokazi, namakamela.
17
Kepha uJehova wamshaya uFaro nendlu yakhe ngezinhlupho ezinkulu ngenxa kaSarayi umka-Abrama.
18
UFaro wayesembiza u -Abrama, wathi: Kuyini lokho okwenze kimi na ? Awungitshelanga ngani ukuthi ungumkakho na?
19
Usholoni ukuthi : U ngudadewethu, ngize ngimthathe abe ngumkami , na? Bheka manje, nangu umkakho; mthathe, uhambe.
20
UFaro wayala amadoda ngaye ; ammukisa kanye nomkakhe nakho konke anakho.