IzEnzo Chapter 6
1
Kwathi ngaleyo mihla abafundi sebanda , kwavela ukukhonona kubaJuda abakhuluma isiGreki ngamaHeberu ngokuthi abafelokazi bakubo bayancishwa ekwabelweni kwemihla ngemihla.
2
Abayishumi nambili base bebiza ibandla labafundi , bathi: Akukuhle ukuba thina sishiye izwi likaNkulunkulu, sikhonze ematafuleni.
3
Funani-ke phakathi kwe nu bazalwane amadoda ayisikhombisa anodumo oluhle, agcwele uMoya nokuhlakanipha, esingawamisela lowo msebenzi.
4
Kepha thina sizakuqinisela ekukhulekeni nasenkonzweni yezwi.
5
Leli zwi laba lihle kulo lonke ibandla ; base bekhetha uStefanu , umuntu owayegcwele ukukholwa noMoya oNgcwele , noFiliphu, noProkhoro, noNikanori, noThimoni, noPharmena, noNikolawu, iproselite lase-Antiyokiya,
6
babamisa phambi kwabaphostoli; bakhuleka, babeka izandla phezu kwabo.
7
Izwi likaNkulunkulu landa , umumo wabafundi wakhula eJer usalema, nesixuku esikhulu sabapristi salalela inkolo. UStefanu umangalelwa emphakathini
8
Kepha uStefanu egcwele umusa namandla wenza izimangaliso nezibonakaliso ezinkulu phakathi kwabantu.
9
Kwase kusuka abanye besinagoge elithiwa elabaLibertino , nabaseKhurene, nabase-Aleksandriya, nabavela eKhilikhiya nase -Asiya, baphikisana noStefanu;
10
kepha babengenamandla okumelana nokuhlakanipha noMoya ayekhuluma ngakho.
11
Khona bathenga amadoda athi : Simzwile ekhuluma amazwi enhlamba ngoMose nangoNkulunkulu,
12
bavusa abantu namalunga nababhali, bamvukela, bambamba, bamyisa emphakathini;
13
bamisa ofakazi bamanga abathi : Lo muntu akayeki ukukhuluma amazwi ngale ndawo engcwele nangomthetho;
14
ngokuba simzwile ethi uJesu lo waseNazaretha uzakuchitha le ndawo , aguqule imithetho asinika yona uMose.
15
Kwathi bemgqolozela bonke ababehlezi emphakathini, babona ubuso bakhe kungathi ubuso bengelosi.