Skip to Content

IzEnzo Chapter 7

1 Umpristi omkhulu wayesethi: Nembala lokhu kunjalo na? 2 Yena wathi : Madoda, bazalwane, nani bobaba, lalelani. UNkulunkulu wenkazimulo wabonakala kubaba u -Abrahama eseMesopotamiya, engakakhi eHarana, 3 wathi kuye : Phuma ezweni lakini nasezihlotsheni zakho , uye ezweni engizakukukhombisa lona. 4 Khona waphuma ezweni lamaKaledi , waya wakha eHarana. Kwathi esefile uyise, uNkulunkulu wamsusa lapho, wamhlalisa kuleli zwe enakhe kulo nina manje. 5 Kepha akamnikanga ifa kulo , ngisho nelingangonyawo, wathembisa kodwa ukuthi uzakumnika lona libe ngelakhe nelenzalo yakhe emva kwakhe , engakabi namntwana. 6 UNkulunkulu wakhuluma kanje , wathi: Inzalo yakhe izakuba ngumfokazi ezweni lezizwe ; bayakuyenza izigqila , bayiphathe kabi iminyaka engamakhulu amane. 7 Kepha leso sizwe abayakuba yizigqila kuso ngiyakusahlulela mina , washo uNkulunkulu, andukuba baphume, bangikhonze kule ndawo. 8 Wayesemnika isivumelwano sokusoka; kanjalo-ke wazala u-Isaka, wamsoka ngosuku lwesishiyagalombili ; u-Isaka wazala uJakobe , uJakobe wazala okhokho abayishumi nambili. 9 Okhokho baba nomhawu ngoJosefa, bathengisa ngaye , wasiwa eGibithe ; kodwa uNkulunkulu wayenaye, 10 wamkhipha kuzo zonke izinhlupheko zakhe , wamupha umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro inkosi yaseGibithe ; yena wammisa abe ngumbusi eGibithe nakuyo yonke indlu yakhe. 11 Kepha kwafika indlala kulo lonke iGibithe nakwaKhanani , nokuhlupheka okukhulu; obaba kabafumana ukudla. 12 UJakobe esezwile ukuthi kukhona ukudla eGibithe , wathuma obaba ngokokuqala; 13 kwathi ngokwesibili uJosefa waziwa ngabafowabo ; kwabonakala kuFaro isizwe sakubo kaJosefa. 14 UJosefa wayesethumela wabiza u Jakobe uyise nabakubo bonke , abantu abangamashumi ayisikhombisa nanhlanu. 15 UJakobe wehlela eGibithe; wafa yena nawobaba. 16 Bayiswa eSikemi, babekwa ethuneni alithenga u-Abrahama ngenani lesiliva kumadodana kaHamori eSikemi. 17 Kepha sesisondele isikhathi sesithembiso uNkulunkulu asisho ku - Abrahama, banda abantu, baba baningi eGibithe, 18 kwaze kwavela enye inkosi eGibithe ebingamazi uJosefa. 19 Yona yasiphatha ngobuqili isizwe sakithi, yabahlupha obaba ngokubalahlisa izingane zabo zingaphili. 20 Ngaleso sikhathi kwazalwa uMose , waba muhle kuNkulunkulu ; wondliwa izinyanga ezintathu endlini kayise; 21 eselahliwe, indodakazi kaFaro yamthola , yazondlela yena ukuba abe yindodana yayo. 22 UMose wafundiswa ukuhlakanipha konke kwabaseGibithe ; waba namandla ngamazwi nangemisebenzi yakhe. 23 Kuthe eseneminyaka engamashumi amane ezelwe , kwafika enhliziyweni yakhe ukuba abamele abafowabo, abantwana bakwa-Israyeli. 24 Wabona umuntu ephathwa kabi , wamvikela, wamphindisela ohlushwayo, wambulala owaseGibithe. 25 Ubethemba ukuth i abafowabo bayakuqonda ukuthi uNkulunkulu ubanika ukusindiswa ngesandla sakhe; kepha abakuqondanga. 26 Nangangomuso wafika kubo belwa , wazama ukubalamula, babuyisane, wathi: Madoda, ningabazalwane; niphathanelani kabi na? 27 Kepha lowo owayemona umakhelwan e wakhe wamhlohloloza wathi : Ubekwe ngubani ube ngumbusi nomahluleli phezu kwethu na? 28 Usufuna ukungibulala nami, njengalokho ubulele owaseGibithe izolo na? 29 Khona uMose wabaleka ngenxa yalelo zwi , waba ngumfokazi ezweni lakwaMidiyani, lapho azala khona amadodana amabili. 30 Kwathi sekuphelele iminyaka engamashumi amane , kwabonakala kuye ehlane lentaba yaseSinayi ingelosi iselangabini lomlilo esihlahleni. 31 UMose ekubona wamangala ngalowo mbono ; esasondela ukuba abhekisise, kwafika izwi leNkosi, lathi: 32 NginguNkulunkulu wawoyihlo , uNkulunkulu ka -Abrahama noka -Isaka nokaJakobe. UMose wathuthumela, akaba nasibindi sokubhekisisa. 33 INkosi yayisithi kuye : Khumula izicathulo ezinyaweni zakho , ngokuba indawo omi kuyo ingumhlabathi ongcwele. 34 Ngikubonile nokukubona ukuhlushwa kwesizwe sami esiseGibithe, ngizwile ukububula kwaso ; sengehlile ukuba ngibakhiphe . Woza kalokhu, ngizakukuthumela eGibithe. 35 UMose lowo abamalayo bethi: Ubekwe ngubani ube ngumbusi nomahluleli na? nguyena amthumayo uNkulunkulu ngesandla sengelosi eyabonakala kuye esihlahleni, abe ngumbusi nomhlengi. 36 Yena lowo wabakhipha enza izimangaliso nezibonakaliso ezweni laseGibithe, naseLwandle Olubomvu , nasehlane iminyaka engamashumi amane. 37 Nguye uMose lowo owathi kubantwana bakwa -Israyeli: U Nkulunkulu uyakunivusela umprofethi kubafowenu onjengami. 38 Nguye lowo owayesebandleni ehlane kanye nengelosi eyakhuluma naye entabeni yaseSinayi kanye nawobaba , nowamukela amazwi okuphila , ukuze aninike wona. 39 Kepha obaba abavumanga ukumlalela , kodwa bamhlohloloza, babuyela emuva eGibithe ngezinhliziyo zabo, 40 bathi ku-Aroni: S enzele onkulunkulu abazakuhamba phambi kwethu ; ngokuba uMose lowo owasikhipha ezweni laseGibithe , asazi ukuba wehlelwe yini. 41 Benza ithole ngaleyo mihla , baletha umhlatshelo e sithombeni, bajabula ngemisebenzi yezandla zabo. 42 Kepha uNkulunkulu wabafulathela, wabadedela ukuba bakhonze ibandla lezulu, njengokuba kulotshiwe encwadini yabaprofethi ukuthi : Naningilethela iminikelo nemihlatshel o iminyaka engamashumi amane ehlane nina ndlu ka-Israyeli na? 43 Qha, nathatha itende likaMolok i nenkanyezi kankulunkulu uRemfani , imifanekiso enayenza ukuba nikhuleke kuyo. Ngiyakunimukisela ngaphambili kweBabiloni. 44 Kwakukhona itende lobufakazi kobaba ehlane njengalokho akuyalayo yena owakhuluma noMose ukuba alenze ngomfanekiso abewubonile; 45 obaba benoJoshuwa balamukela , balingenisa ezweni lezizwe azixoshayo uNkulunkulu ebusweni bawobaba, kwaze kwaba semihleni kaDavide 46 owathola umusa ebusweni bukaNkulunkulu , wacela ukufunela uNkulunkulu kaJakobe idokodo. 47 Kepha nguSolomoni owamakhela indlu. 48 Kodwa oPhezukonke akahlali ezindlini ezenziwe ngezandla njengokusho komprofethi ukuthi: 49 Izulu liyisihlalo sami sobukhosi , nomhlaba uyisenabelo sezinyawo zami ; ngenjani indlu eniyakungakhela yona, isho iNkosi, noma yiyiphi indawo yami yokuphumula na? 50 Isandla sami asikwenzanga konke lokho na? 51 Nina bantamo zilukhuni , abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni , nimelana njalo noMoya oNgcwele; njengoyihlo ninjalo nani. 52 Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na ? Bababulala ababememezela ngaphambili ukuza koLungileyo , eseningabakhapheli nababulali bakhe, 53 nina enamukela umthetho ngokuyala kwezingelosi, kepha aniwugcinanga. Ukufa kukaStefanu 54 Kwathi bekuzwa lokho, bahlabeka ezinhliziyweni, bamgugudela amazinyo. 55 Kepha yena egcwele uMoya oNgcwele wagqolozela ezulwini , wabona inkazimulo kaNkulunkulu, noJesu emi ngakwesokunene sikaNkulunkulu, 56 wathi: Bheka, ngibona izulu livuliwe , neNdodana yomuntu imi ngakwesokunene sikaNkulunkulu. 57 Base bekhamuluka ngezwi elikhulu , bavala izindlebe , batheleka kuye kanyekanye, 58 bamkhiphela ngaphandle komuzi , bamkhanda ngamatshe. Ofakazi babeka izingubo zabo ngasezinyaweni zensizwa egama layo linguSawulu. 59 UStefanu bamkhanda ngamatshe ekhuleka et hi: Nkosi Jesu , yamukela umoya wami. 60 Wayeseguqa phansi , wamemeza ngezwi elikhulu , wathi: Nkosi, ungababaleli lesi sono. Eseshilo lokho walala ubuthongo.