Skip to Content

IzEnzo Chapter 8

1 Kepha uSawulu wayevumelene nabo ngokubulawa kwakhe . Ngalolo su ku kwavela ukuzingelwa okukhulu kwebandla laseJerusalema ; bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya; kwasala abaphostoli bodwa. 2 Amadoda akholwayo ammbela uStefanu, amkhalela isililo esikhulu. 3 Kepha uSawulu walichitha ibandla , engena ezindlini ng ezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane, wabafaka etilongweni. UFiliphu ushumayela eSamariya 4 Abahlakazekileyo base behamba, beshumayela izwi levangeli. 5 UFiliphu wehlela emzini waseSamariya, wabashumayeza uKristu. 6 Izixuku zalalela nganhliziyonye okwakhu lunywa nguFiliphu, zizwa, zibona izibonakaliso azenzayo. 7 Ngokuba kwaphuma omoya abangcolileyo kwabaningi abakhwelwa yibo , bememeza ngezwi elikhulu ; nabaningi abafe uhlangothi nabayizinyonga baphulukiswa; 8 kwaba khona ukuthokoza okukhulu kulowo muzi. USimoni oyisanusi 9 Kepha kwakukhona indoda ethile , nguSimoni igama layo, eyayikade yenza imilingo kulowo muzi , isimangalisa isizwe saseSamariya , izishaya umuntu omkhulu; 10 banamathela kuye bonke kusukela kwabancinyane kuze kube kwabakhulu , bethi: Lo ungamandla kaNkulunkulu abizwa ngokuthi Makhulu, 11 babenamathela kuye , ngokuba ebamangalisile isikhathi eside ngemilingo yakhe. 12 Kepha bathi ukuba bakholwe nguFiliphu eshumayela ivangeli ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu Kristu , babhapathizwa abesilisa nabesifazane. 13 Naye uSimoni wakholwa ; wathi esebhapathiziwe, wanamathela kuFiliphu, wamangala ebona izibonakaliso nemisebenzi emikhulu yamandla eyenziwayo. 14 Kwathi ukuba abaphostoli baseJerusalema bezwe ukuthi iSamariya lilamukele izwi likaNkulunkulu, bathumela kubo oPetru noJohane; 15 sebehlele khona babakhulekela ukuba bamukele uMoya oNgcwele, 16 ngokuba wayengakehleli nakoyedwa kubo ; kodwa babesabhapathiziwe egameni leNkosi uJesu kuphela. 17 Khona babeka izandla phezu kwabo; base bamukela-ke uMoya oNgcwele. 18 Kepha uSimoni , ebonile ukuthi ngokubekwa kwezandla zabaphostoli uyaphiwa uMoya, waletha imali kubo, 19 wathi: Ngipheni nami lawo mandla, ukuze yilowo nalowo engibeka izandla phezu kwakhe amukele uMoya oNgcwele. 20 Kepha uPetru wathi kuye : Isiliva lakho malibhubhe kanye nawe , ngokuba uthi isipho sikaNkulunkulu singathengwa ngemali. 21 Awunasabelo nalifa kuleli zwi , ngokuba inhliziyo yakho ayilungile phambi kukaNkulunkulu. 22 Ngakho-ke phenduka kulobu bubi bakho , unxuse eNkosini , ingabe ungathethelelwa yini isizindlo senhliziyo yakho, 23 ngokuba ngiyabona ukuthi usenyongweni ebabayo nasekuboshweni kokubi. 24 USimoni wayesephendula ethi : Nginxuseleni nina eNkosini , ukuze kungehleli lutho kimi lwalokho enikushiloyo. 25 Kuthe sebefakazile , belikhulumile izwi leNkosi , babuyela eJerusalema , bashumayela ivangeli emizaneni eminingi yabaseSamariya. Ukuphenduka kwenduna yase-Etiyopiya 26 Kepha ingelosi yeNkosi yakhuluma kuFiliphu , yathi: Suka uye ngaseningizimu endleleni ephuma eJerusalema ehlela eGaza; yona iyihlane. 27 Wayesesuka wahamba . Bheka, nansi indoda yase -Etiyopiya, umthenwa, isikhulu sikaKhandakhe inkosikazi yase-Etiyopiya, ebiphezu kwengcebo yayo yonke, ebifikile eJerusalema izakukhuleka; 28 ibisibuya, ihlezi enqoleni yayo, ifunda umprofethi u-Isaya. 29 UMoya wathi kuFiliphu: Sondela, unamathele kuleyo nqola. 30 UFiliphu wayesegijimela kuyo , wayizwa ifunda umprofethi u-Isaya, wathi: Uyakuqonda kambe lokhu okufundayo na? 31 Yona yathi: Ngingakwazi kanjani, uma kungekho ongiholayo na? Yamnxusa uFiliphu ukuba akhwele ahlale nayo. 32 Kepha isahlukwana sombhalo ebisifunda yilesi esithi : Wayiswa ekuhlatshweni njengemvu ; njengewundlu elithule phambi komgundi wal o kanjalo kawuvulanga umlomo wakhe. 33 Ekuthobeleni kwakhe ukwahlulelwa kwakhe kwasuswa. Ngubani ongalanda ngesizukulwane sakhe na? Ngokuba ukuphila kwakhe kuyasuswa emhlabeni. 34 Kepha umthenwa wathatha wathi kuFiliphu : Ngiyacela, umprofethi ukhuluma lokho ngobani na? Uzisho yena noma omunye na? 35 UFiliphu wavula umlomo wakhe , eqala kulowo mbhalo washumayela ivangeli ngoJesu. 36 Kwathi besahamba endleleni , bafika emanzini . Umthenwa wathi : Bheka, nanka amanzi; kwalani ukuba ngibhapathizwe na? 37 UFiliphu wathi kuye : Uma ukholwa ngenhliziyo yonke , kungenziwa. Waphendula wathi : Ngiyakholwa ukuthi uJesu Kristu uyiNdodana kaNkulunkulu. 38 Wayala ukuba inqola ime. Behlela emanzini bobabili, uFiliphu nomthenwa; wambhapathiza. 39 Kwathi sebekhuphukile emanzini , uMoya weNkosi wamhlwitha uFiliphu , umthenwa akabe esambona, kodwa wahamba ngendlela yakhe ethokoza. 40 Kepha uFiliphu wafunyanwa e-Azotu, wahamba eshumayela ivangeli kuyo yonke imizi, waze wafika eKesariya.