UJoshuwa Chapter 23
1
Kwathi emva kwezinsuku eziningi , lapho uJeho va esephumuzile u -Israyeli ezitheni zabo zonke nxazonke, uJoshuwa esemdala eneminyaka eminingi,
2
uJoshuwa wabiza wonke u -Israyeli, amalunga akhe , nezinhloko zakhe , nabahluleli bakhe, nezinduna zakhe, wathi kubo: Sengimdala ngineminyaka eminingi;
3
nibonile konke uJehova uNkulunkulu wenu akwenzile kuzo zonke lezi zizwe ngenxa yenu, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu nguye onilweleyo.
4
Bhekani, nginabele lezi zizwe eziseleyo zibe yifa lezizwe zenu , kusukela eJordani, kanye nezizwe zonke engizinqumileyo , kuze k ufike eLwandle Olukhulu ngasentshonalanga.
5
UJehova uNkulunkulu wenu uyakuzixosha ngaphambi kwenu , azidungule ebusweni benu , nilidle izwe lazo , njengalokho ebekhuluma uJehova uNkulunkulu wenu kini.
6
Yimani kakhulu isibindi ukugcina nokwenza konke okulots hiwe encwadini yomthetho kaMose , ukuze ningachezuki kukho ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo,
7
ukuba ningangeni kulezo zizwe ezisele phakathi kwenu, ningabizi amagama awonkulunkulu bazo, ningabafungi, ningabakhonzi, ningabakhothameli,
8
kepha ninamathele k uJehova uNkulunkulu wenu, njengalokho nenzile kuze kube namuhla.
9
Ngokuba uJehova uxoshile ngaphambi kwenu izizwe ezinkulu ezinamandla, kepha nina, akukho muntu omile phambi kwenu kuze kube namuhla.
10
Umuntu oyedwa uxoshile inkulungwane , ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu nguye onilwelayo, njengalokho ebekhuluma kini.
11
Qaphelisisani ukuba nimthande uJehova uNkulunkulu wenu.
12
Ngokuba uma nibuyela emuva , ninamathele ensalini yalezo zizwe , zona lezi ezisele phakathi kwenu, niganiselane nazo, ningene kuzo, nazo kini,
13
yazini nokwazi ukuthi uJehova uNkulunkulu akasayikuzixosha lezo zizwe phambi kwenu, kepha zoba lugibe nesihibe kini , nenkalivasi ezinhlangothini zenu, nameva emehlweni enu , nize nibhubhe kuleli zwe elihle uJehova uNkulunkulu wenu aninike lona.
14
Bhekani, namuhla ngiyahamba indlela yomhlaba wonke ; niyazi ezinhliziyweni zenu zonke nasemiphefumulweni yenu yonke ukuthi akuphuthanga nento eyodwa kuzo zonke izinto ezinhle azikhuluma uJehova uNkulunkulu wenu ngani; kwenziwa konke kini, akuphuthanga nento eyodwa kukho.
15
Kuyakuthi njengalokho zonke izinto ezinhle zenziwe kini akhuluma ngazo uJehova uNkulunkulu wenu kini , kanjalo uJehova ehlisele phezu kwenu zonke izinto ezimbi, aze anibhubhise kuleli zwe elihle uJehova uNkulunkulu wenu aninike lona.
16
Uma neqa isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu akuyala ngaso , niye nikhonze abanye onkulunkulu , nibakhothamele, intukuthelo kaJehova iyakunivuthela, nibhubhe masinyane ezweni elihle aninike lona.