Skip to Content

U-Eksodusi Chapter 7

1 UJehova wathi kuMose: Bheka, ngikwenze ube njengonkulunkulu kuFaro ; u-Aroni umfowenu uyakuba ngumprofethi wakho. 2 Wena uyakukhuluma konke engikuyala ngakho ; u-Aroni umfowenu uyakukhuluma kuFaro ukuba abavumele abantwana bakwa -Israyeli ukuphuma ezweni lakhe. 3 Mina ngiy akuyenza inhliziyo kaFaro ibe lukhuni , ngandise izibonakaliso zami nezimangaliso zami ezweni laseGibithe. 4 Kepha uFaro akayikunilalela ; ngiyakubeka isandla sami phezu kweGibithe , ngikhiphe amabandla ami , isizwe sami , abantwana bakwa -Israyeli, ezweni laseGibithe ngezahlulelo ezinkulu. 5 AbaseGibithe bayokwazi ukuthi nginguJehova , nxa ngelula isandla sami phezu kweGibithe, ngikhiphe abantwana bakwa-Israyeli phakathi kwabo. 6 OMose no-Aroni benze njalo; njengalokho uJehova ebayalile, benze njalo-ke. 7 UMose wayen eminyaka engamashumi ayisishiyagalombili , u-Aroni eneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nantathu , mhla bekhuluma kuFaro. 8 UJehova wakhuluma koMose no-Aroni, wathi: 9 Nxa uFaro ekhuluma kini , ethi: Zifakazeleni ngesimangaliso, uyakusho ku- Aroni ukuthi : Thatha induku yakho , uyiphonse phansi phambi kukaFaro , ukuze iphenduke inyoka. 10 OMose no-Aroni bangena kuFaro, benza njengalokho uJehova ebayalile; u- Aroni waphonsa phansi induku yakhe phambi kukaFaro naphambi kwezinceku zakhe, yaphenduka inyoka. 11 Khona uFaro wabiza izihlakaniphi nabalumbi ; izanusi zaseGibithe nazo zenze njalo ngemilingo yazo. 12 Ngokuba yilowo nalowo waphonsa phansi induku yakhe , zaphenduka izinyoka; kepha induku ka-Aroni yagwinya izinduku zabo. 13 Inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova. Izinhlupheko zaseGibithe Eyokuqala: amanzi aphenduka igazi 14 UJehova wayesethi kuMose : Inhliziyo kaFaro ilukhuni : uyenqaba ukuba abantu bahambe. 15 Yana kuFaro kusasa ekuseni ; bheka, uyaphuma ukuya emanzini ; yima ogwini lo mfula ukumhlangabeza ; induku eyaphenduka inyoka woyiphatha ngesandla sakho. 16 Wothi kuye: U Jehova, uNkulunkulu wamaHeberu, ungithume kuwe, uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe bangikhonze ehlane ; bheka, kuze kube manje awulalelanga. 17 UJehova usho kanje, uthi: Ngalokhu uyokwazi ukuthi nginguJehova: bheka, ngenduku esesandleni sami ngiyakushaya phezu kwamanzi as emfuleni, aphenduke igazi. 18 Izinhlanzi ezisemfuleni ziyakufa , umfula unuke ; abaseGibithe bayakunengwa ngukuphuza amanzi emfuleni. 19 UJehova wathi kuMose: Yisho ku-Aroni, uthi: Thatha induku yakho, welule isandla sakho phezu kwamanzi aseGibithe , naphezu kwemifula , naphezu kweminonjana yabo , naphezu kweziziba , naphezu kwamachibi amanzi abo onke ukuba aphenduke igazi , kube khona igazi ezweni lonke l aseGibithe ezitsheni zemithi nasezitsheni zamatshe. 20 OMose no -Aroni base bekwenza -ke njengalokho uJehova ebayalile ; waphakamisa induku , washaya amanzi asemfuleni emehlweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe; onke amanzi asemfuleni aphenduka igazi. 21 Izinhlanzi zasemfuleni zafa ; umfula wanuka ; abaseGibithe babengenakuphuza amanzi asemfuleni; igazi lalikhona ezweni lonke laseGibithe. 22 Izanusi zaseGibithe zenze njalo ngemilingo yazo , yaze yaba lukhuni inhliziyo kaFaro; kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova. 23 UFaro waphenduka wangena endlini yakhe , kayibekanga inhliziyo yakhe nakulokho. 24 AbaseGibithe bemba nxazonke zomfula ukuthola amanzi okuphuza , ngokuba babengenakuphuza amanzi asemfuleni. 25 Zaphelela izinsuku eziyisikhombisa, selokhu uJehova eshayile umfula.