U-Eksodusi Chapter 8
1
UJehova wayesethi kuMose: Ngena kuFaro, uthi kuye: Usho kanje uJehova, uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe, bangikhonze.
2
Uma wenqaba ukuba basuke , bheka, mina ngiyakushaya izwe lakho lonke ngamasele;
3
umfula uyakuvama amasele ; ayakukhuphuka, angene endlini yakho , nasekamelweni lakho lokulala , naphezu kombhede wakho , nasendlini yezinceku zakho , naphezu kwabantu bakho , nasemaziko akho , nasezingqwembeni zakho zokuxova izinkwa.
4
Yebo, kuwena, nakubantu b akho, nasezincekwini zakho zonke ayakwenyukela amasele.
5
UJehova wathi kuMose: Yisho ku-Aroni, uthi: Yelula isandla sakho nenduku yakho phezu kwemifula , naphezu kweminonjana , naphezu kweziziba , wenyusele ezweni laseGibithe.
6
U-Aroni wayeselula isandla s akhe phezu kwamanzi aseGibithe; amasele akhuphuka-ke, asibekela izwe laseGibithe.
7
Izanusi zenze njalo ngemilingo yazo, zenyusela amasele ezweni laseGibithe.
8
Khona uFaro wababiza oMose no -Aroni, wathi: Ncengani uJehova ukuba asuse amasele kimi nakubantu bami; ngizakuvumela abantu ukuba bahambe, bahlabele uJehova.
9
UMose wathi kuFaro : Ziphakamise phezu kwami , usho ukuthi ngizakukuncengela ngasiphi isikhathi wena nezinceku zakho , nabantu bakho ukuba achithwe amasele kuwe nasezindlini zakho, asale emfuleni kuphela.
10
Wayesethi: Ngomuso. Wathi: Makube njengezwi lakho ukuba wazi ukuthi akakho onjengaye uJehova uNkulunkulu wethu.
11
Amasele ayakusuka kuwe , nasezindlini zakho , nasezincekwini zakho , nakubantu bakho, asale emfuleni kuphela.
12
OMose no -Aroni baphuma kuFaro; uMose wakhala kuJehova ngamasele ayewalethile kuFaro.
13
UJehova wenza njengezwi likaMose; amasele afa ezindlini, nasemagcekeni, nasemasimini.
14
Bawabuthela izinqwaba ngezinqwaba, izwe lanuka.
15
Esebona uFaro ukuthi kuyiphefu , wayenza lukhuni inhliziyo yakhe , kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova. Inhlupheko yesithathu: omiyane
16
UJehova wayesethi kuMose : Yisho ku -Aroni, uthi: Yelula induku yakho , ushaye uthuli lomhlabathi, lube ngomiyane ezweni lonke laseGibithe.
17
Benze njalo -ke; u-Aroni welula isandla sakhe nenduku yakhe , washaya uthuli lomhlabathi, lwaba ngominyane kubantu nasezinkomeni ; uthuli lonke lomhlabathi lwaba ngominyane ezweni lonke laseGibithe.
18
Nezanusi zenze njalo ngemilingo yazo ukuba ziveze omiyane , kepha zahluleka. Omiyane babe khona kubantu nasezinkomeni.
19
Zase zithi izanusi kuFaro : Lokhu kungumunwe kaNkulunkulu . Kepha inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova. Inhlupheko yesine: izibawu
20
UJehova wayesethi kuMose : Vuka ekuseni kusasa , ume phambi kukaFaro; bheka, uyaphuma ukuya emanzini ; thana kuye : U Jehova usho kanje , uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe bangikhonze.
21
Ngokuba uma wenqaba ukuba basuke , bheka, ngizakuthumela kuwe izibawu, nakuzo izinceku zakho, nakubantu bakho , nasezindlini z akho; izindlu zabaseGibithe ziyakugcwala izibawu kanye nomhlabathi ezikuwo.
22
Ngalolo suku ngiyakwahlukanisa izwe laseGosheni abakhe kulo abantu bami ukuba kungabikho izibawu khona , ukuze wazi ukuthi nginguJehova phakathi kwezwe.
23
Ngizakwahlukanisa abantu bami nabantu bakho ; ngomuso siyakuvela lesi sibonakaliso.
24
Wenze njalo uJehova ; kwangena uswebezane olwesabekayo lwezibawu endlini kaFaro , nasezindlini zezinceku zakhe , nasezweni lonke laseGibithe; izwe lachithwa ngenxa yezibawu.
25
Khona uFaro wababiz a oMose no -Aroni, wathi: Hambani nihlabele uNkulunkulu wenu kuleli zwe.
26
Wayesethi uMose : Akufanele ukwenze njalo , ngokuba siyakuhlabela uJehova uNkulunkulu wethu lokhu okunengeka kwabaseGibithe ; bheka, singahlaba okunengeka kwabaseGibithe emehlweni abo , bangasikhandi ngamatshe, na?
27
Siyakuhamba ibanga lezinsuku ezintathu , siye ehlane , sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu, njengalokho ezakusiyala.
28
Wayesethi uFaro : Ngizakunivumela ukuba nihambe nihlabele uJehova uNkulunkulu wenu ehlane , kepha ningayi ku de kakhulu nokho ; ngikhulekeleni.
29
Wathi uMose : Bheka, ngiyaphuma kuwe ; ngiyakuncenga uJehova ukuba izibawu zimuke , zisuke kuFaro , nakuzo izinceku zakhe , nakubantu bakhe ngomuso; kodwa uFaro angabuyi akhohlise ngokungavumeli abantu ukuba bahambe bahlabele uJehova.
30
UMose wayesephuma kuFaro, wamncenga uJehova.
31
UJehova wayesenza njengezwi likaMose ; wasusa izibawu kuFaro , nakuzo izinceku zakhe, nakubantu bakhe; akwasala nesisodwa.
32
UFaro wayenza lukhuni inhliziyo yakhe nangaleso sikhathi futhi , kabavumelanga abantu ukuba bahambe.