"iziphambeko"
40 occurrences in ZUL
Yiqaphele, ulalele izwi layo , ungayicunuli, lokhu ayiyikuthethelela iziphambeko zenu, ngokuba igama lami likuyo.
UJoshuwa wathi kubantu : Aninakumkhonza uJehova , ngokuba unguNkulunkulu ongcwele ; unguNkulunkulu onomhawu , akayikuthethelela iziphambeko zenu nezono zenu.
uthethelele abantu bakho abonile kuwe naz o zonke iziphambeko zabo abaphambeke kuwe ngazo , ubanike ukuba bathole isihe phambi kwababathumbayo ukuba babaphathe ngesihe.
Umkhuleko wakhe, nokunxuswa kukaNkulunkulu nguye, nazo zonke izono zakhe, nazo zonke iziphambeko zakhe , nezindawo akha kuzo izindawo eziphakemeyo, amisa kuzo o-Ashera nezithombe ezibaziweyo, engakazithobi, bheka, lokho kulotshiwe ezindabeni zikaHozayi.
Ngokuba izinhlupheko ezingenakubalwa zingihaqile , iziphambeko zami zingificile, angaze ngaba nakubona ; ziningi kunezinwele zekhanda lami ; inhliziyo yami ingishiyile.
Isiwula sithi enhliziyweni yaso : Akakho uNkulunkulu , iziphambeko zabo zimbi, ziyanengeka; akakho owenza okuhle.
Ngesulile iziphambeko zakho njengefu, nezono zakho njengemilaza; buyela kimi, ngokuba ngikuhlengile.
Memeza ngezwi elikhulu , ungazibambi, uliphakamise izwi njen gecilongo, utshele abantu bami iziphambeko zabo, indlu kaJakobe izono zayo.
Ngokuba iziphambeko zeth u zandile phambi kwakho , nezono zethu ziyafakaza ngathi ; ngokuba iziphambeko zethu zikithi , nokona kwethu siyakwazi:
Ngalokho ingonyama yasehlathini iyakubashaya, babhujiswe yimpisi yasehlane, ingwe iyiqamekele imizi yabo , badatshulwe bonke abaphuma kuyo, ngokuba iziphambeko zabo ziningi, nokuhlehla kwabo kwandile.
Iziphambeko zami zaboshwa ngesandla sakhe , zaba yijoka ; zalukwa, sezisentanyeni yami; wakhubekisa amandla ami . INkosi inginikele esandleni sabo engingenakumelana nabo.
Mabufike bonke ububi bazo ebusweni bakho , wenze kuzo njengokwenza kwakho kim i ngenxa yazo zonke iziphambeko zami , ngokuba ukububula kwami kukhulu, nenhliziyo idangele.
Ndodana yomuntu , lapho izwe lona kimi ngokwenza iziphambeko , ngelulele isandla sami phezu kwalo , ngaphule uzime lwalo lwesinkwa , ngithume indlala kulo, nginqume kulo abantu nezilwane,
Wena ndodana yomuntu , yisho kuyo indlu yakwa -Israyeli, uthi: Nisho kanje, nithi: Impela iziphambeko zethu nezono zethu ziphez u kwethu , siyonda ngenxa yazo; pho, siyakuphila kanjani na?
Amasonto angamashumi ayisikhombisa anqunyelwe abantu bakho nomuzi wakho ongcwele ukuqeda iziphambeko , nokukhawula izono , nokwenza ukubuyisana ngobubi, nokungenisa ukulunga okuphakade , nokunamathelisa umbono nesiprofetho, nokugcoba indlu engcwelengcwele.
Wozani eBethele , niphambeke, naseGiligali, nandise iziphambeko, nilethe imihlatshelo yenu ekuseni njalo , nokweshumi kwenu kanye ngezinsuku ezintathu,
Ngokuba ngiyazi ukuthi iziphambeko zenu zining i nokuthi izono zenu zinkulu, nina enicindezela abalungileyo , namukela umvuzo , nenichezukisa abampofu esangweni.
Bophelani enqoleni ihhashi elinejubane , nina enakhileyo eLakishi ; lona lalingukuqala kwezono kuyo indodakazi yaseSiyoni , ngokuba iziphambeko zakwa-Israyeli zafunyanwa kuwe.
Kepha mina ngigcwele amandla ngoMoya kaJehov a ngokulunga nangobuqhawe ukuba ngimtshele uJakobe iziphambeko zakhe , u-Israyeli izono zakhe.
Futhi nxa nimi nikhuleka, thethelelani, uma ninamagqubu nomunye, ukuze noYihlo osezulwini anithethelele iziphambeko zenu.