Skip to Content

2 kwabaseKorinte Chapter 5

1 Ngokuba siyazi ukuthi uma indlu yethu yasemhlabeni eyidokodo idilizwa , sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu , indlu engenziwanga n gezandla, eyaphakade, esezulwini. 2 Ngenxa yalokho siyabubula , silangazelela ukwelakanyiswa ngendlu yethu yasezulwini, 3 ngokuba sembethe yona, asiyikufunyanwa sihamba ze. 4 Ngokuba thina esisekhona kuleli dokodo sibubula , sisindwa, ngokuba asithandi ukwamb ulwa kodwa ukwelakanyiswa , ukuze okufayo kugingwe ngukuphila. 5 Kepha owasenzela khona lokho nguNkulunkulu owasipha isibambiso esinguMoya. 6 Ngakho simi isibindi ngesikhathi sonke , sazi ukuthi, nxa ikhaya lethu lise semzimbeni, sahlukene nekhaya eliseNkosini; 7 ngokuba sihamba ngokukholwa, asihambi ngokubona; 8 simi isibindi, singathanda kakhulu ukwahlukana nekhaya elisemzimbeni , sihlale ekhaya eliseNkosini. 9 Ngalokho futhi , noma sisekhaya noma sahlukene nalo , sihlose ukuba sibe ngabathandeka kuye. 10 Ngokuba thina sonke simelwe ukubonakaliswa phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu , ukuze yilowo nalowo amukele njengalokho akwenzileyo esesemzimbeni, noma okuhle noma okubi. Ubukhulu benkonzo yokubuyisana 11 Ngakho lokhu sikwazi ukwesaba iNkosi , siyabancenga abantu; kepha sibonakalisiwe kuNkulunkulu; ngiyethemba ukuthi nakuye unembeza wenu sibonakalisiwe. 12 Asizincomi futhi kini , kodwa sininika ithuba lokuzibonga ngathi , ukuze nibe nakho okokuphendula abazibongayo ngokusemehlweni kungesikho okusenhliziyweni. 13 Ngokuba noma sigcwaneka, kungenxa kaNkulunkulu; noma sisangulukile, kungenxa yenu. 14 Ngokuba uthando lukaKristu luyasiqhubezela , sikubona lokhu ukuthi munye owafela bonke; ngakho-ke bonke sebafa; 15 wafela bonke , ukuze abaphilayo bangabe besaziphilela b ona, kodwa baphilele yena owabafelayo, wabuye wavuka. 16 Kanjalo thina asisayikwazi umuntu ngokwenyama ; nokuba besimazi uKristu ngokwenyama, nokho manje asisamazi. 17 Kanjalo uma umuntu ekuKristu , uyisidalwa esisha; okwakuqala kudlulile; bheka, sekuvele okusha. 18 Kepha konke kuvela kuNkulunkulu owenza ukuba sibuyisane naye ngoKristu, wasinika inkonzo yokubuyisana, 19 ngokuba uNkulunkulu ekuKristu wenza ukuba izwe libuyisane naye , engababaleli iziphambeko zabo, ebeka kithi izwi lokubuyisana. 20 Ngakho singamanxusa kaKristu ngokungathi uNkulunkulu unxusa ngathi ; siyanincenga esikhundleni sikaKristu, sithi: Buyisanani noNkulunkulu. 21 Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu , ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.