Skip to Content

2 kwabaseKorinte Chapter 6

1 Kepha thina esisebenza kanye naye siyanincenga ukuba ningawamukeleli ize umusa kaNkulunkulu -- 2 ngokuba uthi : Ngesikhathi esihle ngikuzwile , nangosuku lwensindiso ngakuhlangulisa; bheka, manje ku yisikhathi esihle kakhulu ; bheka, manje kulusuku lwensindiso; -- 3 asibekeli muntu nasinye isikhubekiso nangokukodwa , funa inkonzo yethu isolwe, 4 kepha kukho konke sizibonakalisa njengezikhonzi zikaNkulunkulu ekubekezeleni okukhulu, nasosizini, nasekusweleni, nasekubandezekeni, 5 nasekushayweni, nasekuboshweni, naseziyaluyalwini, nasekukhandlekeni, nasekuqwasheni, nasekuzileni ukudla, 6 nangenhlanzeko, nangokwazi, nangokubekezela, nangobumnene, nangoMoya oNgcwele, nangothando olungazenzisi, 7 nangezwi leqini so, nangamandla kaNkulunkulu , nangezikhali zokulunga zesokunene nezesokhohlo, 8 ngodumo nangehlazo, ngokuhletshwa nangokutuswa, njengabakhohlisi kanti singabeqiniso, 9 njengabangaziwayo kanti saziwa kakhulu , njengabafayo kanti bheka , siyaphila, njengabalaywayo kanti asibulawa, 10 njengabadabukileyo kepha siyathokoza njalo , njengabampofu kepha sicebisa abaningi, njengabangenalutho kanti sinakho konke. UPawulu uxwayisa abakholwayo ukuba bangadlelani nabangakholwayo 11 Umlomo wethu uvulekele ngakini nina baseKori nte, inhliziyo yethu yanulekile; 12 aninyinyekile kithi, kodwa ninyinyekile ezinhliziyweni zenu; 13 kepha ukuze kube khona ukwenanana , ngikhuluma njengakubantwana , yanulekani nani. 14 Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo , ngokuba kunakuhlanganyela kuni ukulunga nokungalungi na ? Kunabudlelwane buni ukukhanya nobumnyama na? 15 Unakuzwana kuni uKristu noBeliyali na ? Unasabelo sini okholwayo nongakholwayo na? 16 Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na ? Ngokuba thina siyithempeli likaNkulunkulu ophilayo, njengokuba washo uNkulunkulu ukuthi: Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo; ngiyakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami. 17 Ngakho-ke phumani phakathi kwabo , nahlukane nabo , isho iNkosi ; ningathinti okungcolileyo; khona ngiyakunamukela, 18 ngibe nguYihlo kini , nina nibe ngamadodan a namadodakazi kimi , isho iNkosi uSomandla.