Skip to Content

2 kwabaseKorinte Chapter 7

1 Lokhu sinalezo zithembiso , bathandwa, masizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya , siphelelise ubungcwele ngokumesaba uNkulunkulu. 2 Sivuleleni indawo ezinhliziyweni zenu ; asonanga muntu , asonakalisanga muntu, asidlanga muntu. 3 Angikusho ngokunilahla ; ngokuba ngasho ngaphambili ukuthi nisezinhliziyweni zethu ukuba sife kanye nani, siphile kanye nani. 4 Nginesibindi esikhulu ngani , nginokuzibonga okukhulu ngani ; ngigcwele induduzo, nginentokozo enkulu kakhulu phezu kosizi lonke esinalo. 5 Ngokuba nasekufikeni kwethu eMakedoniya inyama yethu ayib anga nakuphumula, kodwa sakhathazeka nxazonke ; ngaphandle kwakukhona ukulwa, ngaphakathi ukwesaba. 6 Nokho uNkulunkulu oduduza abadanileyo usiduduzile thina ngokufika kukaThithu, 7 kungabi ngokufika kwakhe kuphela, kodwa nangenduduzo aduduzwa ngayo ngani, esilandisa ngokungilangazelela kwenu , nangokungililela kwenu , nangokungishisekela kwenu, ngaze ngathokoza kakhulu. 8 Nakuba nganidabukisa ngencwadi yami , angizisoli; nakuba ngangizisola -- ngiyabona ukuthi leyo ncwadi yanidabukisa noma kwaba yisikhathi nje -- 9 manje ngiyathokoza , kungengokuba nadabukiswa , kodwa ngokuba nadabukiswa kwaba ngukuphenduka ; ngokuba nadabukiswa ngokukaNkulunkulu, ukuze ningalahlekelwa lutho ngathi. 10 Ngokuba ukudabuka okuya ngokukaNkulunkulu kuveza ukuphenduka angezisole ngakho um untu, kube ngukusindiswa , kepha ukudabuka okuya ngokwezwe kuveza ukufa. 11 Ngokuba bhekani , khona lokho kudabukiswa kwenu ngokukaNkulunkulu kwaveza kini ukukhuthala okungaka , yebo, nokuziphendulela, nokuthukuthela, nokwesaba, nokulangazela, nokushiseka, nokuphindisela. Kukho konke nazibonakalisa ukuthi nimhlophe kule ndaba. 12 Ngakho nakuba nganilobela , angilobanga ngenxa yowonileyo nokuba ngenxa yowoniweyo kodwa ukuze ukukhuthala kwenu ngenxa yethu kubonakaliswe kini phambi kukaNkulunkulu. 13 Ngalokho siduduz ekile. Nasekududuzekeni kwethu sathokoza impela , ikakhulu ngokuthokoza kukaThithu , ngokuba umoya wakhe uhlunyelelwe yinina nonke; 14 ngokuba uma ngake ngazincoma ngento kuyena ngani , angijabhiswanga; kepha njengokuba konke esakukhuluma kini kwakuyiqiniso, kanjalo nokuzibonga kwethu kuThithu kwaba yiqiniso. 15 Yebo, isihe sakhe sivamile kakhulu ngakini , lapho ekhumbula ukulalela kwenu nonke ukuthi namamukela ngokwesaba nangokuthuthumela. 16 Ngiyathokoza, ngokuba ezintweni zonke nginethemba ngani.