Skip to Content

AmaHubo Chapter 103

1 Mbonge uJehova , mphefumulo wami ; konke okuphakathi kwami makubonge igama lakhe elingcwele. 2 Mbonge uJehova, mphefumulo wami, ungakhohlwa imisebenzi yonke yakhe yomusa, 3 yena othethelela zonke izono zakho, owelapha zonke izifo zakho; 4 okhulula ukuphila kwakho ekubhujisweni , okuqhelisa ngomusa nangobubele; 5 osuthisa ukulangazela kwakho ngokuhle , ubusha bakho bubuyiswe njengokhozi. 6 UJehova ubenzela bonke abacindezelwayo ukulunga nokwahlulela. 7 Wamazisa uMose izindlela zakhe, nabantwana bakwa-Israyeli izenzo zakhe. 8 UJehova unobubele nesihawu; wephuza ukuthukuthela, kuvama umusa. 9 Akathethi njalonjalo; akagcini intukuthelo yakhe kuze kube phakade. 10 Akasiphathi njengokufanele izono zethu, akasivuzi njengokwamacala ethu. 11 Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo. 12 Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga , udedisile kangaka kithi iziphambeko zethu. 13 Njengoyise ehawukela abantwana bakhe , kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo. 14 Ngokuba uyakwazi ukubunjwa kwethu; uyakhumbula ukuthi siluthuli. 15 Izinsuku zomuntu zinjengotshani; uyakhahlela njengembali yasendle. 16 Ngokuba umoya uyadlula phezu kwayo , bese yinyamalala, nendawo yayo ingabe isayazi. 17 Kepha umusa kaJehova uphezu kwabamesabayo kwaphakade kuze kube phakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana, 18 kubo abagcina isivumelwano sakh e bekhumbula iziyalezo zakhe ukuba bazenze. 19 UJehova umisile isihlalo sakhe sobukhosi ezulwini ; nombuso wakhe ubusa phezu kwakho konke. 20 Bongani uJehova nina zingelosi zakhe , nina maqhawe anamandla enenza okwezwi lakhe nilalela ukukhuluma kwezwi lakhe. 21 Bongani uJehova nina mabandla onke akhe , nina zinceku zakhe enenza intando yakhe. 22 Bongani uJehova nina misebenzi yakhe yonk e ezindaweni zonke zombuso wakhe. Mbonge uJehova, mphefumulo wami.