UHezekeli Chapter 33
1
Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
2
Ndodana yomuntu, khuluma kubantwana babantu bakho, uthi kubo: Lapho ngehlisela phezu kwezwe inkemba , abantu bezwe bese bethatha umuntu phakathi kwabo, bambeke umlindi wabo,
3
nalapho yena esebona inkemba yehla phezu kwezwe , abethe icilongo , axwayise abantu,
4
okuzwayo ukukhala kwecilongo angaxwayi kodwa , bese yehla inkemba, imsuse, igazi lakhe liyakuba sekhanda lakhe.
5
Ukukhala kwecilongo wakuzwa , kepha akaxwayanga; igazi lakhe liyakuba kuye; uma exwayile, nga ezophulile.
6
Kepha uma umlindi ebona inkemba yehla , angabethi icilongo , abantu bangaxwayi, bese yehla inkemba, isuse umuntu kubo , uyasuswa ngenxa yobubi bakhe kepha igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni somlindi.
7
Wena-ke, ndodana yomuntu, ngikubeke umlindi kuyo indlu yakwa -Israyeli; yizwa izwi lomlomo wami, ubaxwayise, kuvela kimi.
8
Lapho ngithi komubi : M untu omubi , uyakufa nokufa , bese wungakhulumi ukuba uxwayise omubi ashiye indlela yakhe , lowo muntu omubi uyakufa ngenxa yobubi bakhe, kepha igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.
9
Kepha uma umxwayisa omub i ukuba ashiye indlela yakhe , abuye kuyo , angabuyi kodwa endleleni yakhe, uyakufa ngenxa yobubi bakhe, kepha wena uzikhululile.
10
Wena ndodana yomuntu , yisho kuyo indlu yakwa -Israyeli, uthi: Nisho kanje, nithi: Impela iziphambeko zethu nezono zethu ziphez u kwethu , siyonda ngenxa yazo; pho, siyakuphila kanjani na?
11
Yisho kubo , uthi: Kuphila kwami , isho iNkosi uJehova , angithokozi ngokufa komubi , kuphela ngokubuya komubi endleleni yakhe aze aphile . Buyani, buyani ezindleleni zenu ezimbi ; niyakufelani nina ndlu yakwa - Israyeli na?
12
Kepha wena ndodana yomuntu , yisho kubantwana babantu bakho , uthi: Ukulunga kolungileyo akuyikumophula ngosuku lwesiphambeko sakhe , nobubi-ke bomubi akayikuwa ngabo ngosuku lokubuya kwakhe ebubini bakhe, nolungileyo akanakuphila ngakho ngosuku lokona kwakhe.
13
Lapho ngisho kolungileyo ukuthi uyakuphila nokuphila , yena abesethemba ekulungeni kwakhe kodwa, enze okubi, akuyikukhunjulwa nesisodwa sezenzo zakhe ezilungileyo, kepha uyakufela kokubi akwenzileyo.
14
Lapho ngithi komubi : U yakufa nokufa , yena abesephenduka kodwa esonweni sakhe, enze okufaneleyo nokulungileyo,
15
yena lo mubi abuyise isibambiso , akhokhe ayekuthathile , ahambe ngezimiso zokuphila, angenzi okubi, uyakuphila nokuphila, angafi.
16
Akayikukhunjulelwa nesisodwa sezon o zakhe azenzileyo; wenzile okufaneleyo nokulungileyo; uyakuphila nokuphila.
17
Kodwa abantwana babantu bakho bathi: Indlela yeNkosi ayilingani. Kepha ngeyabo indlela engalingani.
18
Lapho olungileyo ebuya ekulungeni kwakhe, enze okubi, uyakufa ngakho.
19
Nalapho omubi ebuya ebubini bakhe , enze okufaneleyo nokulungileyo , uyakuphila ngakho.
20
Nokho nisho nithi : Indlela yeNkosi ayilingani . Ngiyakunahlulela nina ndlu yakwa-Israyeli, kube yilowo nalowo ngendlela yakhe. Ukuwa kweJerusalema
21
Kwathi ngomnyaka weshu mi nambili wokuthunjwa kwethu , ngenyanga yeshumi, ngolwesihlanu lwenyanga , kwafika kimi ophunyukileyo eJerusalema, wathi: Umuzi unqotshiwe.
22
Isandla sikaJehova sasiphezu kwami kusihlwa , engakafiki ophunyukileyo, kepha wavula umlomo wami engakafiki kimi e kuseni; wavulwa umlomo wami, angabe ngisaba yisimungulu.
23
Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
24
Ndodana yomuntu, abakhe ezincithakalweni ezweni lakwa -Israyeli basho bathi: U -Abrahama wayemunye , wadla ifa lezwe ; kepha thina sibaningi, siphiwe lona libe yifa lethu.
25
Ngalokho thana kubo : Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Nidla okunegazi , niphakamisa amehlo enu ezithombeni zenu, nichitha igazi. Pho, niyakudla ifa lezwe na?
26
Niyethemba enkembeni yenu , nenza izinengiso , ningcolisa, kube yilowo nalowo umkamakhelwane wakhe. Pho, niyakudla ifa lezwe na?
27
Uyakusho kanje kubo , uthi: Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Kuphila kwami, abasezincithakalweni, ngempela, bayakuwa ngenkemba , nosendle ngiyakumnika izilwane ukuba adliwe, nabasezinqabeni nasemihumeni bayakufa ngesifo.
28
Ngiyakwenza izwe libe yincithakalo nokuyize, kuphele ukuzidla kwamandla alo; izintaba zakwa-Israyeli ziyakuchithwa ukuze kungabikho odlulayo.
29
Bayakwazi ukuthi nginguJehova , lapho ngenzile izwe libe yincithakalo nokuyize ngenxa yazo zonke izinengiso zabo abazenzileyo.
30
Wena-ke, ndodana yomuntu, abantwana babantu bakho bakhuluma ngawe ngasezindongeni naseminyango yezindlu , basho omunye komunye , omunye kumfowabo, bathi: Woza uzwe ukuthi yizwi lini eliphuma kuJehova.
31
Bafika kuwe njengokufika kwabantu, bahlala phambi kwakho njengabantu bami, bezwa amazwi akho , abawenzi kodwa , ngokuba ngomlomo wabo babonakalisa uthando olukhulu, kepha inhliziyo yabo ilandela inzuzo yabo.
32
Bheka, uyisihlabelelo esithandekayo sonephimbo elimnandi kubo , obetha kahle ngogubhu, ngokuba bezwa amazwi akho, abawenzi kodwa.
33
Lapho lokhu kufika -- bheka, kuyeza! -- bayakwazi ukuthi kwakukhona umprofethi phakathi kwabo.