UHezekeli Chapter 34
1
Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
2
Ndodana yomuntu, profetha ngabelusi bakwa -Israyeli; profetha uthi kubo , kubelusi: Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Wo kubelusi bakwa -Israyeli abazibonelela bona! Abelusi bebengayikuzalusa izimvu na?
3
Niyadla amanoni, nembatha uboya, nihlaba ezikhulupheleyo, kepha izimvu anizalusi.
4
Ezibuthakathaka aniziqinisanga , negulayo aniyiphilisanga , neyaphukileyo aniyibophanga, nexoshiweyo aniyibuyisanga , nelahlekileyo aniyifunanga, kepha nizibusile ngamandla alukhuni.
5
Zazihlakazekile, ngokuba umalusi wayengekho; zaba ngukudla kwazo zonke izilwane zasendle, zahlakazeka.
6
Izimvu zami zazulazula kuzo zonke izintaba nakuwo onke amagquma aphakemeyo, yebo, izimvu zami zazihlakazekele ebusweni bonke bomhlaba , akwabakho ozifunayo nozicingayo.
7
Ngalokho, belusi, zwanini izwi likaJehova lokuthi:
8
Kuphila kwami , isho iNkosi uJehova , impela ngenxa yokuba izimvu zami zaba yimpango , nangokuba izimvu zami zaba ngukudla kwazo zonke izilwane zasendle , lokhu umalusi engekho , nangokuba abelusi bami bengafunanga izimvu zami , abelusi bezibonelela bon a, bengazalusi izimvu zami,
9
ngalokho, belusi, zwanini izwi likaJehova lokuthi:
10
Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bhekani, ngimelene nabelusi, ngiyakuzibiza izimvu zami esandleni sabo , ngenze ukuba bangabe besazalusa izimvu , abelusi bangabe besazibonelela bona, ngophule izimvu zami emlonyeni wabo, zingabi ngukudla kwabo.
11
Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bhekani, mina ngiyakuzifuna izimvu zami, ngizicinge.
12
Njengomalusi efuna umhlambi wakhe mhla ephakathi kwezimvu zakhe ezilahlekileyo, kanjalo ngiyakufuna izimvu zami , ngizophule kuzo zonke izindawo ezihlakazekele kuzo ngosuku lwamafu nolobumnyama.
13
Ngiyakuzikhipha kubantu , ngiziqoqe emazweni , ngiziyise ezweni lazo , ngizaluse ezintabeni zakwa -Israyeli, ngasemifuleni, nasezindaweni zonke ezakhiweyo zezwe.
14
Ngiyakuzalusela emadlelweni amahle , isibaya sazo sibe sezintabeni zempakama yakwa -Israyeli; ziyakubuthisa khona esibayeni esihle , ziklabe emadlelweni aluhlaza ezintabeni zakwa-Israyeli.
15
Mina ngiyakuzalusa izimvu zami , ngenze ukuba zibuthise , isho iNkosi uJehova.
16
Ngiyakufuna ezilahlekileyo , ngibuyise ezixoshiweyo, ngibophe ezaphukileyo, ngiqinise ezigulayo ; kepha ezikhulupheleyo nezinamandla ngiyakuzichitha, ngizaluse ngokwahlulela.
17
Nina-ke, zimvu zami, isho iNkosi uJehova , ithi: Bheka, ngiyakwahlulela phakathi kwemvu nemvu naphakathi kwezimpongo.
18
Kuncane kini yini ukuklaba edlelweni elihle nize ninyathele ngezinyawo zenu okuseleyo kwedlelo lenu , nokuphuza amanzi acwebileyo nize nidunge aseleyo ngezinyawo zenu na?
19
Izimvu zami ziyadla o kunyathelwe ngezinyawo zenu, ziphuza okudungiwe ngezinyawo zenu.
20
Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova kuzo , ithi: Bhekani, mina ngiyakwahlulela phakathi kwezimvu ezikhulupheleyo nezimvu ezondileyo.
21
Ngokuba nisunduza ngohlangothi nangehlombe , niqhubukusha zonke ezigulayo ngezimpondo zenu, nize nizihlakazele ngaphandle,
22
ngiyakusindisa izimvu zami , azisayikuba yimpango , ngahlulele phakathi kwezimvu nezimvu.
23
Ngiyakumisa umalusi phezu kwazo , azaluse: inceku yami uDavide ; uyakuzalusa, abe ngumalusi wazo.
24
Mina Jehova ngiyakuba nguNkulunkulu wazo , inceku yami uDavide ibe yisikhulu phakathi kwazo; mina Jehova ngikhulumile.
25
Ngiyakwenza nazo isivumelwano sokuthula , ngiqede izilwane ezimbi ezweni, zihlale zilondekile ehlane, zilale emahlathini.
26
Ngiyakuzenza zona nezindawo ezizungeza intaba yami zibe yisibusiso , ngehlise imvula ngesikhathi sayo, ibe yizihlambi zesibusiso.
27
Umuthi osendle uyakuthela izithelo zawo , umhlabathi uthele ukudla kwawo, zihlale zilondekile ezweni lazo , zazi ukuthi nginguJehova, lapho sengaphulile izikeyi zejoka lazo , ngazophula esandleni salabo ezenziwa izikhonzi yibo.
28
Azisayikuba yimpango yabezizwe, nesilwane somhlaba asiyikuzidla, kepha ziyakuhlala zilondekile, zingesatshiswa muntu.
29
Ngiyakuzivusela insimu edumileyo ; azisayikususwa yindlala ezweni , zingasalithwali ihlazo labezizwe.
30
Ziyakwazi ukuthi mina Jehova uNkulunkulu wazo nginazo nokuthi zona , indlu yakwa-Israyeli, zingabantu bami, isho iNkosi uJehova.
31
Nina niyizimvu zami , niyizimvu zedlelo lami ; ningabantu, mina nginguNkulunkulu wenu, isho iNkosi uJehova.