Skip to Content

UHezekeli Chapter 35

1 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 2 Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho ngasentabeni yaseSeyiri, uprofethe ngayo, 3 uthi kuyo : Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bheka, ngimelene nawe ntaba yaseSeyiri; ngiyakwelulela kuwe isandla sami , ngikwenze incithakalo nokuyize. 4 Ngiyakwenza imizi yakho ibe yihlane , wena ube yincithakalo , wazi ukuthi nginguJehova. 5 Ngokuba unobutha obuphakade, futhi unikele abantwana bakwa -Israyeli osikweni lwenkemba ngesikhathi sesigemegeme sabo , ngesikhathi sokuphela kokubi, 6 ngalokho, kuphila kwami , isho iNkosi uJehova , ngiyakwenza ube yigazi , igazi likuxoshe; ngokuba ungazondanga igazi, igazi liyakukulandela. 7 Ngiyakwenza intaba yaseSeyiri ibe y incithakalo nokuyize, nginqume kuyo odlulayo nobuyayo. 8 Ngiyakugcwalisa izintaba zayo ngababuleweyo bayo , abagwazwe ngenkemba bawa emagqumeni akho , nasezigodini zakho , nakuyo yonke imifula yakho. 9 Ngiyakukwenza incithakalo ephakade , imizi yakho ingabe isah lalwa, nazi ukuthi nginguJehova. 10 Ngokuba wathi : Lezi zizwe ezimbili nalawa mazwe amabili kuyakuba ngokwami, sidle ifa lakho, noma uJehova ebelapho, 11 ngalokho, kuphila kwami , isho iNkosi uJehova , ngiyakwenza njengolaka lwakho nanjengomhawu wakho obafel e wona ngokubazonda kwakho , ngizazise kubo, lapho ngikwahlulela. 12 Uyakwazi ukuthi nginguJehova; ngizwile zonke izithuko zakho ozikhulume ngezintaba zakwa -Israyeli ngokuthi : Yincithakalo; siphiwe zona ukuba sizidle. 13 Nizikhulisile kimi ngomlomo wenu , nandisile amazwi enu kimi ; mina ngiwezwile. 14 Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Lapho uthokoza umhlaba wonke , ngiyakukwenza incithakalo. 15 Njengokuthokoza kwakho ngefa lendlu yakwa -Israyeli, ngokuba ibiyincithakalo, kanjalo ngiyakwenza kuwe : uyakuba yincithakal o, ntaba yaseSeyiri, naye wonke u -Edomi, yebo, wonke wakhe , bazi ukuthi nginguJehova.