UHezekeli Chapter 18
1
Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
2
Kuyini kini ukuba nilinganise ngalesi saga ezweni lakwa-Israyeli sokuthi: Oyise badlile izithelo zomvini ezimuncu, amazinyo abantwana aba bushelezi, na?
3
Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, akusayikubakho ukulinganisa ngalesi saga kwa-Israyeli.
4
Bheka, yonke imiphefumulo ingeyami , umphefumulo kayise njengomphefumulo womntwana; ingeyami; umphefumulo owonayo uyakufa.
5
Kepha uma umuntu olungileyo enza ukwahlulela nokulunga,
6
engadli ezintabeni, engaphakamisi amehlo akhe ezithombeni zendlu yakwa - Israyeli, engangcolisi umkamakhelwane wakhe , engasondeli kowesifazane ekungcoleni kwakhe;
7
engacindezeli muntu, ebuyisela kotshelekayo isibambiso sakhe , engaphangi nokuphanga, kepha enika abalambileyo isinkwa sakhe , embathisa abanqunu izingubo;
8
enganiki ngenzalo, engamukeli inzuzo, ebuyisa isandla sakhe ebubini , enza ukwahlulela okuqinisileyo phakathi komuntu nomuntu;
9
ehamba ngezimiso zami, egcina izahlulelo zami ukuba enze iqiniso, ulungile, uyakuphila nokuphila, isho iNkosi uJehova.
10
Uma ezala indodana engumph angi nomchithi wegazi , ikwenza okunye kwalokho,
11
yena engakwenzanga kodwa : Idla ezintabeni , ingcolisa umkamakhelwane wayo,
12
icindezela abampofu nabaswelayo , iphanga nokuphanga , ingabuyisi isibambiso, iphakamisa amehlo ayo ezithombeni, yenza izinengiso;
13
inika ngenzalo, yamukela inzuzo. Iyakuphila na? Cha, ayiyikuphila. Yenzile zonke lezi zinengiso; iyakubulawa nokubulawa, igazi layo libe phezu kwayo.
14
Bheka, uma ezala indodana ebona zonke izono zikayise azenzileyo , ibone ingenzi njengazo:
15
Ingadli ezintabeni, ingaphakamisi amehlo ayo ezithombeni zendlu yakwa - Israyeli, ingangcolisi umkamakhelwane wayo;
16
ingacindezeli muntu , ingamukeli isibambiso , ingaphangi nokuphanga , kepha inika abampofu isinkwa sayo, yembathisa abanqunu izingubo.
17
Ibuyisa isandla say o kwabampofu , ingamukeli inzalo nenzuzo , yenza izahlulelo zami, ihamba ngezimiso zami . Yona ayiyikufa ngokona kukayise , iyakuphila nokuphila.
18
Uyise, ngokuba wacindezela nokucindezela , waphanga nokuphanga umfowabo, wenza okungekuhle phakathi kwabantu bakh e, bheka, yena uyakufa ngokona kwakhe.
19
Kepha nithi : Indodana ayithwali ngani ukona kukayise na ? Indodana isikwenzile ukwahlulela nokulunga , yagcina zonke izimiso zami , yazenza, iyakuphila nokuphila.
20
Umphefumulo owonayo uyakufa; indodana ayiyikuthwala ukona kukayise, uyise angathwali ukona kwendodana; ukulunga kolungileyo kuyakuba phezu kwakhe, nobubi bomubi buyakuba phezu kwakhe.
21
Kepha uma omubi ebuya kuzo zonke izono zakhe azenzileyo, agcine zonke izimiso zami, enze ukwahlulela nokulunga, uyakuphila nokuphila; kayikufa.
22
Iziphambeko zakhe, nesisodwa asenzileyo asiyikukhunjulelwa kuye , aphile ngokulunga akwenzileyo.
23
Ngiyenamela nokwenamela ukufa komubi yini , isho iNkosi uJehova , kungabi ukuba abuye endleleni yakhe, aphile, na?
24
Kepha lapho olu ngileyo ephenduka ekulungeni kwakhe , enze okubi, enze zonke izinengiso azenzayo omubi, uyakuphila na? Izenzo zakhe ezilungileyo, nesisodwa asenzileyo asiyikukhunjulwa, afele ezeqweni eqe ngazo nasezonweni one ngazo.
25
Kodwa nithi: Indlela yeNkosi ayilingani. Yizwani nina ndlu yakwa-Israyeli: Indlela yami ayilingani na? Angithi yizindlela zenu ezingalingani na?
26
Lapho olungileyo ephenduka ekulungeni kwakhe , enze okubi , uyakufa ngakho, afe ngenxa yokubi akwenzileyo.
27
Lapho omubi ephenduka ebubini bakhe abe nzileyo, enze ukwahlulela nokulunga, uyakusindisa umphefumulo wakhe.
28
Ngokuba ebona , abuye ezeqweni zakhe zonke azenzileyo , uyakuphila nokuphila, angafi.
29
Kepha indlu yakwa -Israyeli ithi : Indlela yeNkosi ayilingani . Wena ndlu yakwa-Israyeli, izindlela za mi azilingani na ? Angithi yizindlela zenu ezingalingani na?
30
Ngalokho ngiyakunahlulela nina ndlu yakwa-Israyeli, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe , isho iNkosi uJehova . Phendukani, nibuye ezeqweni zenu zonke, ububi bungabi yisikhubekiso senu.
31
Lahlani kini zonke izeqo zenu eneqe ngazo , nizenzele inhliziyo entsha nomoya omusha, ngokuba uyakufelani wena ndlu yakwa-Israyeli na?
32
Ngokuba angenameli ukufa kofayo , isho iNkosi uJehova; ngalokho buyani, niphile.