Skip to Content

AmaHubo Chapter 53

1 Isiwula sithi enhliziyweni yaso : Akakho uNkulunkulu , iziphambeko zabo zimbi, ziyanengeka; akakho owenza okuhle. 2 UNkulunkulu esezulwini uyababheka abantwana babant u ukubona uma kukhona yini onokuqonda, ofuna uNkulunkulu. 3 Baphambukile bonke , bonakele bonke ; akakho owenza okuhle , akakho noyedwa. 4 Abanakwazi yini abenza okubi , abadla abantu bami njengalokhu bedla isinkwa, bengakhuleki kuNkulunkulu. 5 Besaba nokwesaba , lapho kungekho okwesabisayo ; ngokuba uNkulunkulu wasakaza amathambo akhe owamisa ngakuwe ; wena ubajabhisile, ngokuba uNkulunkulu ubalahlile. 6 Sengathi kungavela u kusindiswa kuka -Israyeli eSiyoni. Kuyakuthi lapho uNkulunkulu eguqula ukuthunjwa kwabantu bakhe , uJakobe ethabe , u- Israyeli ajabule.