Skip to Content

AmaHubo Chapter 52

1 Uzigabiselani ngokubi wena siqhwaga na? Umusa kaNkulunkulu umi njalo. 2 Ulimi lwakho lusongoza okubi njengempuco eloliweyo , wena owenza amacebo. 3 Uthanda okubi kunokuhle, namanga kunokukhuluma ukulunga. Sela 4 Uthanda onke amazwi okubhubhisa wena lulimi lwenkohliso. 5 Ngakho-ke uNkulunkulu uyakukubhidliza kuze kube phakade; uyakukubamba, akukhiphe etendeni lakho , akusiphule ezweni labaphilayo . Sela 6 Abalungileyo bayakukubona, besabe; bayakumhleka, bathi: 7 Bheka, nasi isiqhwaga esingamenzanga uNkulun kulu abe yinqaba yaso , kepha sethemba ingcebo yaso enkulu, siziqinisa ebubini baso. 8 Kepha mina nginjengomnqumo oluhlaz a endlini kaNkulunkulu; ngithemba umusa kaNkulunkulu njalonjalo kuze kube phakade naphakade. 9 Ngizakukudumisa kuze kube phakade , ngokuba ukwenzile; ngizakulindela igama lakho, ngokuba lihle phambi kwabangcwele bakho.