AmaHubo Chapter 51
1
Ngihawukele, Nkulunkulu, ngokomusa wakho ; yesula iziphambeko zami ngokobubele bakho obukhulu.
2
Ngigezisise ebubini bami, ungihlanze esonweni sami.
3
Ngokuba ngiyazazi iziphambeko zami; isono sami siphambi kwami njalo.
4
Ngonile kuwe wena wedwa , ngakwenza okubi emehlweni akho , ukuze uthiwe ulungile ekukhulumeni kwakho, uchache ekwahluleleni kwakho.
5
Bheka, ngazalelwa ebubini, umame wangithabatha esonweni.
6
Bheka, uthanda iqinis o ngaphakathi enhliziyweni ; wongifundisa ukuhlakanipha ekujuleni kwenhliziyo.
7
Ngihlanze ngehisopi, ngihlambuluke; ngigeze, ngibe mhlophe kuneqhwa.
8
Ngizwise intokozo nenjabulo, ukuze ethabe amathambo owachobozileyo.
9
Fihla ubuso bakho ezonweni zami, wesule zonke izenzo zami ezimbi.
10
Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo , uvuse umoya oqinileyo phakathi kwami.
11
Ungangilahli ebusweni bakho, ungangemuki uMoya wakho oNgcwele.
12
Buyisela kimi ukuthokoza kwensindiso yakho , ungiphase ngomoya ovumayo.
13
Khona ngiyakufundisa abaphambukayo izindlela zakho ; nezoni ziyakuphendukela kuwe.
14
Ngikhulule ecaleni legaz i, Nkulunkulu, Nkulunkulu wensindiso yami . Khona ulimi lwami luyakuhubela ukulunga kwakho.
15
Nkosi, vula izindebe zami, ukuze umlomo wami ulande ngodumo lwakho.
16
Ngokuba awuwuthandi umhlatshelo ; noma bengizakukunika umnikelo wokushiswa, ubungayikuthokoza ngawo.
17
Iminikelo kaNkulunkulu ingumoya owaphukileyo ; inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo, Nkulunkulu, awuyikuyidelela.
18
Lenzele iSiyoni okuhle ngokomusa wakho , uzakhe izingange zaseJerusalema.
19
Khona uyakuyijabulela iminikelo yokulunga eshiswayo nes hiswa yonke ; khona bayakunikela ngezinkunzi phezu kwe-altare lakho.