izindebe zabangivukeleyo nemicabango yabo ngami izinsuku zonke.
UHana wayekhuluma enhliziyweni yakhe , kwabikizela izindebe zakhe zomlomo kuphela , kepha izwi lakhe lalingezwakali ; ngalokho u -Eli wacabanga ukuthi udakiwe.
Izinso zami ziyakujabula, lapho izindebe zakho zikhuluma okulungileyo.
Izindebe ezishisayo nenhliziyo emb i kunjengesitsha sebumba esinamekwe ngamanyela esiliva.
Kodwa indlu kaJehova ayenzelwanga izindebe zesiliva , nezizenze, nezitsha, namacilongo, nazo zonke izinto zegolide , nezinto zesiliva ngemali eyalethwa endlini kaJehova,
lathinta umlomo wami, lathi: Bheka, lokhu kuthintile izindebe zakho; ububi bakho sebususiwe, nezono zakho zihlanguliwe.
Amazwi omlomo wohlakaniphileyo anomusa , kepha izindebe zesiwula ziyasigwinya sona.
Sengathi uNkulunkulu angakhuluma, akuvulele izindebe zakhe,
Ngumlomo wakho okulahlayo, akusimi; izindebe zakho ziyafakaza ngawe.
izindebe zami aziyikukhuluma okubi, nolimi lwami aluyikukhipha inkohliso.
Ngiyakukhuluma ukuba ngikhululeke ; ngiyakuvula izindebe zami ukuba ngiphendule.
UJehova uyakunquma zonke izindebe ezithophayo , ulimi olukhuluma amazwi amakhulu,
abathi: Siyakunqoba ngolimi lwethu ; izindebe zethu zinathi ; ngubani oyinkosi phezu kwethu na?
Mazithuliswe izindebe zamanga ezijivaza olungiley o ngokuzidla nangokweyisa.
Ngishumayelile ukulunga ebandleni elikhulu; bheka, angizivalanga izindebe zami; Jehova, wena uyakwazi.
Nkosi, vula izindebe zami, ukuze umlomo wami ulande ngodumo lwakho.
Ngokuba umusa wakho umnandi kunokuphila ; izindebe zami ziyakukudumisa.
Izindebe zami zizakujabula , ngokuba ngizakukudumisa wena , nomphefumulo wami owuhlengileyo.
Ngokuba izindebe zowesifazane ondindayo ziconsa izinyosi; umlomo wakhe ubushelezi kunamafutha.
Izindebe zolungileyo ziyondla abaningi , kepha iziwula ziyafa ngokuswela ingqondo.
Izindebe zolungileyo ziyakwazi okuhle , kepha umlomo wababi okuphambeneyo.
Izindebe zamanga ziyisinengiso kuJehova , kepha abenza iqiniso bayintokozo yakhe.
Olinda umlomo wakhe ugcina ukuphila kwakhe ; okhamisa izindebe zakhe uyakuba nencithakalo.
Emlonyeni wesiwula kukhona induku yokuziqhenya kwaso , kepha izindebe zabahlakaniphileyo ziyabalondoloza.
Suka phambi komuntu oyisiwula, ngokuba lapho awuboni izindebe zokwazi.
Izindebe zabahlakaniphileyo ziyasakaza ukwazi , kepha izinhliziyo zeziwula azinjalo.
Izindebe ezilungileyo ziyintokozo yamakhosi ; amazwi abaqotho ayawathanda.
Ocimeza amehlo akhe uceba okuphambanisayo , noluma izindebe zakhe ufeza okubi.
Owenza okubi uqaphela izindebe zokona , nomqambimanga ubeka indlebe olimini olubi.
Izindebe ezinobungcweti azifanele isiwula ; kakhulu kangakanani umlomo wamanga isikhulu.
Izindebe zesiwula ziletha ukuxabana, nomlomo waso ubiza imivimbo.
Izindebe zakho zinjengomucu obomvu , umlomo wakho muhle ; izihlathi zakho zinjengenxenye yepomegranati emva kwemvakazi yakho.
Izindebe zakho , makoti wami , ziyaconsa izinyosi ; uju nobisi kukhon a phansi kolimi lwakho , nephunga lezambatho zakh o linjengephunga laseLebanoni.
Bheka, igama likaJehova livela kude , livutha ngolaka lwakhe , linzima ngamafu; izindebe zakhe zigcwele intukuthelo , nolimi lwakhe lunjengomlilo oqothulayo;
Ngokuba izandla zenu zingcolile igazi , neminwe yenu ububi; izindebe zenu zomlomo zikhuluma amanga, nezilimi zenu zinyenyeza okubi.
Izindebe, nemicengezi yomlilo , nezitsha, namakhanzi, nezinti zezibani , nezinkezo, nezinkamba, okwegolide lodwa nesiliva lodwa , nalokho induna yabalindi yakuthatha.
Bheka, onesimo samadodana abantu wathinta izindebe zami ; ngase ngiwuvula umlomo wami , ngakhuluma, ngathi komi phambi kwami : Nkosi yami, ngenxa yombono imihelo ingehlele, angisenamandla.
Ngiyezwa, kuyathuthumela okuphakathi kwami , izindebe zami ziyaqhaqhazela ngenhlokomo ; ukubola kungena emathanjeni ami , ngithuthumela endaweni lapha ngimi khona , ngilindela usuku lokuhlu pheka ukuze kukhuphuke lokhu okuyakucindezela abantu.
Ngokuba lapho ngiyakunika abantu izindebe ezihlanzekileyo , ukuze bonke babize igama likaJehova, bamkhonze nganhliziyonye.
Ngokuba izindebe zompristi ziyakugcina ukwazi , kufunwe umthetho emlonyeni wakhe, ngokuba uyisithunywa sikaJehova Sebawoti.