Skip to Content

IzAga Chapter 17

1 Umthamo owomileyo kanye nokuthula ungcono kunendlu egcwele okuhlatshiweyo kanye nokuxabana. 2 Inceku eqondileyo iyabusa phezu kwendodana ehlazisayo ; iyakudla ifa phakathi kwezelamani. 3 Ukhamba lokuncibilikisela lungolwesiliva , nesithando ngesegolide , kepha ovivinya izinhliziyo nguJehova. 4 Owenza okubi uqaphela izindebe zokona , nomqambimanga ubeka indlebe olimini olubi. 5 Oklolodela ompofu usola uMenzi wakhe , nothokoza ngengozi akayikuyekwa. 6 Abantwana babantwana bangumqhele wabadala , nodumo lwabantwana lungoyise. 7 Izindebe ezinobungcweti azifanele isiwula ; kakhulu kangakanani umlomo wamanga isikhulu. 8 Isipho sinjengetshe elinqabileyo emehlweni omninilo : noma ebhekaphi , uyaphumelela. 9 Osibekela isiphambeko ufuna uthando , kepha onokondisa indaba wahlukanisa abahlobo. 10 Insolo ingena koqondileyo kunemivimbo eyikhulu koyisiwula. 11 Omubi ufuna ukuhlubuka kuphela ; ngalokho kuyakuthunyelwa kuye isithunywa esinonya. 12 Umuntu makahlangane nebhere elaphuciwe amawundlu al o kunesiwula ebuwuleni baso. 13 Ophindisela okuhle ngokubi, ububi abuyikusuka endlini yakhe. 14 Ukuqala kokuxabana kunjengokuvula ama nzi; ngalokho yeka inkani , ingakashisi. 15 Othetha omubi nolahla olungileyo bayisinengiso kuJehova bobabili. 16 Yini ukuba kube yimali esandlen i sesiwula ukuthenga ukuhlakanipha , kungekho ukuqonda, na? 17 Umngane uthanda ngezikhathi zonke, nomzalwane uzalwa ekuhluphekeni. 18 Umuntu oswela ingqondo unikana nomunye izandla , abe yisibambiso phambi komakhelwane wakhe. 19 Othanda ukuxabana uthanda isiphambeko ; owenza umnyango wakhe ukuba uphakame ufuna ukubhujiswa. 20 Onenhliziyo ephambeneyo akafumani okuhle; onolimi oluyisigwegwe uwela engozini. 21 Ozala isiwula kulusizi kuye; uyise wesiwula akathokozi. 22 Inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle , kepha umoya owaphukileyo uyomisa amathambo. 23 Omubi uyamukela umvuzo okhishwa esifuben i ukuba aphambukise izindlela zokwahlulela. 24 Ukuhlakanipha kuphambi koqondileyo , kepha amehlo esiwula asemikhawulweni yomhlaba. 25 Indodana eyisiwula ilusizi kuyise nokubaba kowayizalayo. 26 Ukuhlawulisa olungileyo akukuhle, nokushaya abaqotho akulungile. 27 Obamba amazwi akhe unokwazi ; onomoya opholileyo ungumuntu oqondileyo. 28 Nesiwula lapho sithule kuthiwa isihlakaniphi ; ovala umlomo wakhe ungoqondileyo.