UZefaniya Chapter 3
1
Wo kohlubukileyo nongcolileyo, muzi ocindezelayo!
2
Awuzwa zwi, awamukeli ukulaywa, awumethembi uJehova, awusondelanga kuNkulunkulu wawo.
3
Izikhulu zawo phakathi kwawo ziyizingonyama ezibhongayo ; abahluleli bawo bayizimpisi zokuhlwa; abashiyeli lutho ingomuso.
4
Abaprofethi bawo bangamayiyane nabakhohlisi ; abapristi bawo bayingcolisile indlu engcwele, bawudlovulile umthetho.
5
UJehova ulungile phakathi kwawo , akenzi okubi ; ekuseni njalo uveza ukwahlulela kwakhe ekukhanyeni , akuphuthi; kepha abangalungile abazi amahloni.
6
Nginqumile izizwe, imibhoshongo yazo yasezingosini ichithekile; ngichithile izitaladi zazo ukuze kungadluli muntu ; imizi yazo iqothuliwe ukuze kungabikho muntu, kungabikho ohlala kuyo.
7
Ngathi: Nokho uyakungesaba, wamukele ukulaywa. Indawo yawo yokuhlala ayiyikunqunywa, kungenzeki konke engiwumisele khona ; kepha bavuka ekuseni, benza okubi.
8
Ngalokho, ngilindeleni, usho uJehova , kuze kube lusuku engivuka ngalo ukuba ngiphange , ngokuba kuyisinqumo sami ukubutha izizwe ukuba ngiqoqe imibuso , ukuze ngithulule phezu kwabo intukuthelo yami , lonke ulaka lwami oluvuthayo , ngokuba wonke umhlaba uyakudliwa ngumlilo womhawu wami.
9
Ngokuba lapho ngiyakunika abantu izindebe ezihlanzekileyo , ukuze bonke babize igama likaJehova, bamkhonze nganhliziyonye.
10
Kusukela phesheya kwemifula yaseKush e abanxusa kimi , indodakazi yabahlakazekileyo bami, bayakuletha umnikelo wami.
11
Ngalolo suku awusayikuba namahloni ngazo zonke izenzo zakh o ophambuke ngazo kimi , ngokuba khona ngiyakususa phakathi kwakh o abazidla ngokujabula, awusayikuziphakamisa entabeni yami engcwele.
12
Kepha ngiyakushiya phakathi kwakho abantu abahluphekayo nabampofu ; bayakwethemba igama likaJehova.
13
Insali yakwa -Israyeli ayisayikwenza okubi , ingakhulumi amanga , kungafunyanwa emlonyeni wabo ulimi olukhohlisayo; yebo, bayakwaluka, babuthise, kungekho obesabisayo.
14
Hlabelela ngokujabula, ndodakazi yaseSiyoni, umemeze, Israyeli, uthokoze, wethabe ngenhliziyo yonke, ndodakazi yaseJerusalema.
15
UJehova ususile ukwahlulelwa kwakho , uxoshile izitha zakho . INkosi yakwa-Israyeli, uJehova, iphakathi kwakho; awusayikwesaba okubi.
16
Ngalolo suku kuyakuthiwa kulo iJerusalema : Ungesabi, Siyoni! Izandla zakho mazingadangali.
17
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi kwakho, iqhawe eliyakukusindisa; uyakujabula ngawe ngentokozo , athule othandweni lwakhe , ethabe ngawe ngokuhlabelela.
18
Abadabuka ngemikhosi ngiyakubabutha , ababahlukene nawe , usathwele ihlazo.
19
Bhekani, ngaleso sikhathi ngiyakuphatha bonke abakuhluphayo, ngisindise abaqhugayo, ngibuthe abaxoshiweyo , ngibenze indumiso negam a abahlazo labo lalisemhlabeni wonke.
20
Ngaleso sikhathi ngiyakuningenisa , ngaleso sikhathi ngiyakunibutha , ngokuba ngiyakunenza igama nendumis o phakathi kwabantu bonke bomhlaba, lapho ngibuyisa ukuthunjwa kwen u phambi kwamehlo enu, usho uJehova.