UZefaniya Chapter 2
1
Buthanani, yebo, buthana, sizwe esingenamahloni,
2
isimiso singakazali lolo suku ludlula njengamakhob a lungakanehleli ulaka oluvuthayo lukaJehova, lungakafiki phezu kwenu usuku lolaka lukaJehova.
3
Funani uJehova nina nonke bathobekileyo bomhlab a enisebenzile ukwahlulela kwakhe ; funani ukulunga ; funani ukuthobeka ; mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova.
4
Ngokuba iGaza liyakushiywa, i-Ashikeloni libe yincithakalo ; bayakulixosha i-Ashidodi emini, i-Ekroni lisishulwe.
5
Wo kwabakhileyo ngasogwini lolwandle , isizwe sama Khereti! Izwi likaJehova liphezu kwakho , Khanani, lizwe lamaFilisiti . Ngiyakukuchitha ukuze kungabikho ohlala khona.
6
Ugu lolwandle luyakuba ngamadlelo , lube nemigodi yabelusi nezibaya zezimvu.
7
Ugu luyakuba ngolwensali yendlu yakwaJuda , yaluse kulo ; ezindlini zase - Ashikeloni bayakubuthisa kusihlwa , ngokuba uJehova uNkulunkulu wabo uyakubahambela, abuyise ukuthunjwa kwabo.
8
Ngiyizwile inhlamba yakwaMowab i nezithuko zabantwana bakwa -Amoni abathuke ngazo abantu bami, bazikhulisela imikhawulo yabo.
9
Ngalokho, kuphila kwami , usho uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka - Israyeli, uthi: Impela uMowabi uyakuba njengeSodoma , nabantwana bakwa- Amoni njengeGomora, izwe lezimbabazane nelemigodi kasawoti nencithakalo yaphakade; insali yabantu bami iyakubaphanga , nabaseleyo be sizwe sami bayakudla ifa labo.
10
Lokhu kuyakuba sesikhundleni sokuzipha kamisa kwabo , ngokuba bathukile, bazikhulisela abantu bakaJehova Sebawoti.
11
UJehova uyakwesabeka phezu kwabo , ngokuba uyakuzacisa bonke onkulunkulu bomhlaba , bakhuleke kuye , kube yilow o nalowo endaweni yakhe, zonke iziqhingi zezizwe.
12
Nani maKushe niyakubulawa ngenkemba yami.
13
Uyakwelulela isandla sakhe ngasenyakatho , achithe i -Asiriya, alenze iNineve libe yincithakalo, lome njengehlane.
14
Imihlambi iyakubuthisa phakathi kwalo , zonke izilwane zesizwe , ivuba nonondwebu kuhlale ebusuku ezihlokweni zezinsika zalo , isikhova sikhale emafasiteleni, kube khona incithakalo emigulugulwini , ngokuba wambulile okwemisedari.
15
Yiwo umuzi owajabula wahlala ulondekile , owathi enhliziyweni yawo : Mina ngikhona , akakho omunye ; yeka ukuphenduka kwawo incithakalo nendawo yokubuthisa kwezilwane ! Bonke abadlula kuwo bayakuncimfa , banikine isandla sabo.