Skip to Content

1 uSamuweli Chapter 1

1 Kwakukhona umuntu waseRamatayimi Sofimu lasezintabeni zakwa- Efrayimi ogama lakhe lalingu-Elkana indodana kaJerohamu ka-Elihu kaTholu kaSufi wakwa-Efrayimi; 2 wayenabafazi ababili , igama lomunye lalinguHana , igama lomunye lalinguPhenina; uPhenina wayenabantwana , kepha uHana wayengenabantwana. 3 Lowo muntu weny uka emzini wakhe iminyaka ngeminyaka ukukhonza nokuhlabela uJehova Sebawoti eShilo . Kwakukhona lapho amadodana amabili ka-Eli, oHofini noFinehasi, bengabapristi bakaJehova. 4 Kwathi ngosuku u -Elkana ahlaba ngalo , wanika uPhenina umkakhe nawo onke amadodana akhe namadodakazi akhe izabelo; 5 kepha wanika uHana isabelo siphindwa kabili , ngokuba wayemthanda uHana, kepha uJehova wayesivalile isizalo sakhe. 6 Isitha sakhe samncokoloza kakhulu ukuba amthukuthelise, ngokuba uJehova wayesivalile isizalo sakhe. 7 Kwathi ukuba u -Elkana enze njalo iminyaka ngeminyaka , lapho enyukela endlini kaJehova , wamncokoloza kanjalo ; ngalokho wakhala , akadlanga lutho. 8 Wayesethi u -Elkana umyeni wakhe kuye : Hana, ukhalelani na ? Awudli ngani? Inhliziyo yakho idabukeleni na ? Angidluli yini amadodana ayishumi kuwe na? 9 UHana wasukuma, nxa sebedlile eShilo, bephuzile. U-Eli umpristi wayehlezi esihlalweni sakhe ngasensikeni yomnyango wethempeli likaJehova. 10 Umphefumulo wakhe wawunomunyu , wakhuleka kuJehova , wakhala kakhulu. 11 Wenza isithem biso, wathi: Jehova Sebawoti , ubheke nokubheka ukuhlupheka kwencekukazi yakho , ungikhumbule, ungakhohlwa incekukazi yakho, unike incekukazi yakho umntwana wesilisa , bese ngimnika uJehova zonke izinsuku zokuhamba kwakhe, kungathinti mpuco ekhanda lakhe. 12 Kwathi esaqhubeka ukukhuleka phambi ku kaJehova, u-Eli waqaphela umlomo wakhe. 13 UHana wayekhuluma enhliziyweni yakhe , kwabikizela izindebe zakhe zomlomo kuphela , kepha izwi lakhe lalingezwakali ; ngalokho u -Eli wacabanga ukuthi udakiwe. 14 U-Eli wathi kuye : Uyakudakwa kuze kube nini na ? Susa iwayini lakho kuwe. 15 UHana waphendula wathi: Hhayi, nkosi, ngingowesifazane ohluphekileyo; angiphuzanga iwayini naphuzo olunamandla , kepha bengithulula umphefumulo wami phambi kukaJehova. 16 Ungasho ukuthi incekukazi yakh o ingowesifazane omubi , ngokuba kungobuningi bosizi lwami nangokuncokolozwa kwami ngikhulumile kuze kube manje. 17 Wayesephendula u -Eli ethi : Hamba ngokuthula ; uNkulunkulu wakwa - Israyeli makakunike okucelileyo kuye. 18 Wathi: Incekukazi yakho mayifumane umusa emehlweni akho. Owesifazane wayesehamba, wadla, ubuso bakhe ababe busanyukumala. 19 Bavuka ekuseni kakhulu , bakhuleka phambi kukaJehova , babuya, bafika endlini yabo eRama ; u-Elkana wamazi uHana umkakhe , uJehova wamkhumbula. 20 Kwathi sesiphelele isikhathi , uHana wakhulelwa, wazala indodana , waqamba igama layo ngokuthi uSamuweli, ethi: Ngimcelile kuJehova. 21 Lowo muntu u-Elkana wenyuka kanye nendlu yakhe ukuyonikela kuJehova umhlatshelo weminyaka nesithembiso sakhe. 22 Kepha uHana akenyukanga , ngokuba wathi kumyeni wakhe : Hhayi aze alunyulwe umntwana ; khona ngiyakumyisa ukuba abonakale phambi kukaJehova, ahlale khona njalo. 23 Wayesethi u -Elkana umyeni wakhe kuye : Yenza okuhle emehlweni akho ; hlala uze umlumule ; uJehova makaqinise izwi lakhe kuphela . Owesifazane wayesehlala, wancelisa indodana yakhe waze wayilumula. 24 Eseyilumulile wenyuka nayo enezinkunzi ezintathu , ne-efa lempuphu , nemvaba yewayini , wakuyisa endlini kaJehova eShilo ; umntwana wayesemncane. 25 Bahlaba inkunzi, bamyisa umntwana ku-Eli. 26 Wathi: E nkosi, kuphila komphefumulo wakho , nkosi yami , ngingowesifazane owayemi kuwe lapha, ekhuleka kuJehova. 27 Ngamkhulekela lo mntwana; uJehova unginikile lokho engakucela kuye; 28 ngalokho nami ngimnikele kuJehova ; zonke izinsuku zokuphila kwakhe unikelwe kuJehova. Bakhuleka kuJehova khona.