Skip to Content

IzAga Chapter 15

1 Impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka , kepha izwi elilukhuni livusa ulaka. 2 Ulimi lwabahlakaniphileyo luveza kahle ukwazi , kepha umlomo weziwula uphafuza ubuwula. 3 Amehlo kaJehova asezindaweni zonke; aqaphela ababi nabahle. 4 Ulimi oluthulayo lungumuthi wokuphila , kepha ukuphambanisa kwalo kungukuchotshozwa komoya. 5 Isiwula siyadelela ukulaya kukayise , kepha onaka ukusolwa uyathola ukuqonda. 6 Endlini yolungileyo kukhona ingcebo eningi , kepha enzuzweni yababi kukhona ukuhlupheka. 7 Izindebe zabahlakaniphileyo ziyasakaza ukwazi , kepha izinhliziyo zeziwula azinjalo. 8 Umhlatshelo wababi uyisinengiso kuJehova , kepha umkhuleko wabaqotho uyintokozo yakhe. 9 Indlela yababi iyisinengiso kuJehova , kepha uyamthanda olandela ukulunga. 10 Ukulaywa kukhulu koyishiya indlela; ozonda ukusolwa uyakufa. 11 Indawo yabafileyo nokubhubha kuphambi kukaJehova ; kakhulu kangakanani izinhliziyo zabantwana babantu. 12 Isideleli asithandi ukusolwa; asiyi kwabahlakaniphileyo. 13 Inhliziyo ethokozayo yenza ubuso bube buhle , kepha ngosizi lwenhliziyo uyachotshozwa umoya. 14 Inhliziyo yoqondileyo iyafuna ukwazi , kepha umlomo weziwula uyadla ubuwula. 15 Zonke izinsuku zohluphekayo zimbi , kepha onhliziyo yakhe yenamile unedili njalo. 16 Okuncane kanye nokumesaba uJehova kungcono kunengcebo eningi kanye nokukhathazeka. 17 Isidlo semifino lapho kukhona uthando singcon o kunenkabi ekhuluphalisiweyo kanye nenzondo. 18 Umuntu ofuthayo uyavusa ukuxabana , kepha owephuza ukuthukuthela uthulisa ingxabano. 19 Indlela ye vila injengothango lobobe , kepha umkhondo wabakhutheleyo ungumendo. 20 Indodana ehlakaniphileyo iyajabulisa uyise , kepha umuntu oyisiwula uyadelela unina. 21 Ubuwula buyintokozo kongenangqondo , kepha umuntu oqondileyo uyaqondisa ukuhamba kwakhe. 22 Lapho k ungekho khona ukululekana , amasu ayachitheka , kepha ngobuningi babeluleki ayakuma. 23 Umuntu uyathokoza ngokuphendula komlomo wakhe , nezwi ngesikhathi salo lihle kangakanani! 24 Kohlakaniphileyo indlela yokuphila iya phezul u ukuba adede endaweni yabafileyo phansi. 25 Indlu yabaziqhenyayo uJehova uyayisiphula , kepha uyamisa umkhawulo womfelokazi. 26 Amacebo amabi ayisinengiso kuJehova , kepha amazwi acwebileyo ayamenamisa. 27 Ohahela inzuzo uhlupha indlu yakhe, kepha ozonda imivuzo uyakuphila. 28 Inhliziyo yolun gileyo iyacabanga ukuphendula , kepha imilomo yababi iyaphafuza izinto ezimbi. 29 UJehova ukude nababi, kepha uyezwa imikhuleko yabalungileyo. 30 Ukukhanya kwamehlo kuyathokozisa inhliziyo , nezindaba ezinhle ziyanonisa amathambo. 31 Indlebe elalela ukusola ko kuphila iyakuhlala phakathi kwabahlakaniphileyo. 32 Onqaba ukulaywa udelela umphefumulo wakhe , kepha olalela ukusolwa uzuza ingqondo. 33 Ukumesaba uJehova kungukulaywa kokuhlakanipha ; ukuthobeka kuyandulela udumo.