Skip to Content

UJobe Chapter 27

1 UJobe wabuye waphakamisa izwi lakhe, wathi: 2 Kuphila kukaNkulunkulu osusile ukwahlulelwa kwami, noSomandla owenze munyu umphefumulo wami, 3 kusekhona ukuphefumula kimi, nomoya kaNkulunkulu usemakhaleni ami, 4 izindebe zami aziyikukhuluma okubi, nolimi lwami aluyikukhipha inkohliso. 5 Makube kude nami ukuba nginivumele; angiyikuzaphuca ukuphelela kwami ngize ngife. 6 Ngibambelela ekulungeni kwami , angikuyeki; inhliziyo yami ayisoli nowodwa wemihla yami. 7 Isitha sami masibe njengomubi, nongisukelayo njengowonileyo. 8 Liyini ithemba longenaNkulunkulu , nxa enqunywa , lapho uNkulunkulu esusa umphefumulo wakhe, na? 9 UNkulunkulu uyakuzwa ukukhala kwakhe, lapho ehlelwa lusizi, na? 10 Uyakuthokoza ngoSomandla, ambize uNkulunkulu ngezikhathi zonke, na? 11 Ngiyakunifundisa ngesandla sikaNkulunkulu ; okukuSomandla angiyikukufihla. 12 Bhekani, nina nonke nikubonile; kungani ukuba nizenze ize na? 13 Lokhu kuyisabelo somuntu omubi kuNkulunkulu, nefa lezidlwangudlwangu ezilamukela kuSomandla. 14 Uma abantwana bakhe banda, bandela inkemba; inzalo yakhe ayiyikusutha ngokudla. 15 Abasele kuye bayakumbelwa ekufeni, abafelokazi babo bangalili. 16 Noma enqwabela isiliva njengothuli, alungise izambatho njengodaka, 17 makakulungise, kepha kuyakwembathwa ngolungileyo , ongenacala abele isiliva. 18 Uyakha indlu yakhe njengenundu, ibe njengedlangala elakhiwa ngumlindi. 19 Uyalala enothile , angakuphindi kodwa ; uyavula amehlo akhe, abe engasekho. 20 Ingebhe iyamehlela njengamanzi; isivunguvungu siyamphephula ebusuku. 21 Umoya wasempumalanga uyamthatha , amuke; uyambhengula endaweni yakhe. 22 Uyacibishelwa engahawukelwa; uyabaleka nokubaleka esandleni sakhe. 23 Abantu bayakumshayela ihlombe , bamncimfele ukuba asuke endaweni yakhe.