"izikhali"
35 occurrences in ZUL
Nase niphendula , nithi kimi : S onile kuJehova ; siyakukhuphuka silwe njengakho konke asiyala ngakho uJehova uNkulunkulu wethu . Nabhincisa, kwaba yilowo nalowo izikhali zakhe zokulwa ; kwase kuba lula kini ukuba nikhuphukele entabeni.
Wayeseshesha ebiza udibi olwaluphethe izikhali zakhe , wathi kulo: Hosha inkemba yakho, ungibulale ukuba abantu bangasho ngami ukuthi: Wabulawa ngowesifazane. Udibi lwakhe lwase lumgwaza, wafa.
Kwase kuphuma lapho kumndeni wakwaDani eSora nase -Eshitawoli abantu abangamakhulu ayisithupha bebhincile izikhali zokulwa.
Abantu abangamakhulu ayisithupha bebhince izikhali zokulwa abangabantwana bakwaDani bema ngasesikhaleni sesango.
Abantu abayisihlanu ababeyile ukuhlola izwe benyuka , bafika lapho , basithatha isithombe esibaziweyo , nengubo yamahlombe , namatherafi, nesithombe esibunjiweyo ; umpristi wema ngasesikhaleni sesango kanye nabantu abangamakhulu ayisithupha bebhince izikhali zokulwa.
iyakuzibekela wona abe yizinduna zez inkulungwane nezinduna zamashumi ayisihlanu, alime umhlabathi wayo , avune isivuno sayo, enze izikhali zayo zokulwa nempahla yezinqola zayo.
Kwathi ngosuku oluthile uJonathani indodana kaSawule wathi odibini oluphethe izikhali zakhe : Woza siwele , siye ekhandeni lamaFilisti elingaphesheya. Kepha akamtshelanga uyise.
UJonathani wathi odibini lwakhe oluphethe izikhali zakhe : Woza siwele , siye ekha ndeni lalabo abangasokile ; ingabe uJehova uyakusisebenzela , ngokuba akukh o okumthiyayo uJehova ukuba asindise ngabaningi noma ngabayingcosana.
Ophethe izikhali zakhe wathi kuye : Yenza konke okusenhliziyweni yakho : hamba, bheka, nginawe njengenhliziyo yakho.
Abantu basekhandeni bamphendula uJonathani nodibi lwakhe , bathi: Khuphukelani kithi , siyakunifundisa indaba . UJonathani wayesethi odibini oluphethe izikhali zakhe : Khuphuka emva kwami , ngokuba uJehova ubanikele esandleni sakwa-Israyeli.
UDavide wathatha ikhanda lomFilisti, waliyisa eJerusalema; kepha wafaka izikhali zakhe etendeni lakhe.
Amnquma ikhanda , athatha izikhali zakhe , azithuma ezweni lamaFilisti nxazonke ukukumemezela endlini yezithombe zawo nakubantu.
U-Abineri wayesethi kuye : Chezukela ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ubambe enye yezinsizwa, uthathe izikhali zakhe. Kepha u- Asaheli akavumanga ukuchezuka ekumlandeleni.
Yayisiphendula inkosi yakwa-Israyeli, ithi: Khulumani kuye, nithi: Obhinca izikhali makangazigabisi njengokhumulayo.
Sebezwile bonke abakwaMowabi ukuthi amakhosi enyukile ukulwa nabo , babuthana bonke abaqale ukubhinca izikhali kuya phezulu , bema emkhawulweni.
Wayesethi kuGehazi : Bhinca izikhali zakho , uthathe udondolo lwami ngesandla sakho , uhambe; uma uhlangana nomuntu , ungambingeleli; uma umuntu ekubingelela , ungamphenduli, ubeke udondolo lwami ebusweni bomntwana.
Waziqinisa, wakha lonke ugange olwaludiliziwe , wabeka imibhoshongo phezu kwalo, nolunye ugange ngaphandle , waqinisa iMilo emzini kaDav ide, wenza izikhali nezihlangu eziningi.
Abavusayo ugange nabathwalayo imithwalo bazithwesa benza umsebenzi ngesinye isandla, nangesinye baphatha izikhali zabo;
Izikhali zomkhohlisi zimbi ; uhlela amacebo amabi , ukuze achithe izihlupheki ngamazwi amanga, nalapho ompofu ekhuluma ngokufaneleyo.
Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakubuyisa izikhali zokulwa ezisezandleni zenu , enilwa ngazo nenkosi yaseBabele namaKaledi anivimbezelayo ngaphandle kogange , ngizibuthe phakathi nalo muzi.
UJehova u vulile indlu yakhe yezikhali , ukhiphile izikhali zokufutheka kwakhe, ngokuba iNkosi uJehova Sebawoti inomsebenzi ezweni lamaKaledi.
Kepha nxa onamandla kunaso esisukela , asinqobe, uyasaphuca izikhali zaso zonke ebesizethembile, ayabe impango yaso.
Ubusuku sebuyaphela , imini isisondele . Ngakho-ke asilahle imisebenzi yobumnyama, sihlome izikhali zokukhanya.
ngokuba izikhali zethu zokulwa kasizo ezenyama , kodwa ngaye uNkulunkulu zinamandla okubhidliza izinqaba, sichitha izizindlo,
Nani makhosi , yenzani okunjalo kuzo , niyeke ukusongela, nazi ukuthi neyazo neyenu iNkosi isezulwini nokuthi ukukhetha umuntu akukho kuye. Izikhali zamaKristu