Skip to Content

2 AmaKhosi Chapter 3

1 UJehoramu indodana ka -Ahabi waba yinkosi kwa -Israyeli eSamariya ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili kaJehoshafati i nkosi yakwaJuda , wabusa iminyaka eyishumi nambili. 2 Wenza okubi emehlweni kaJehova kepha kungenjengoyise nonina, ngokuba wasusa insika kaBali abeyenzile uyise. 3 Nokho wanamathela ezonweni zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo u-Israyeli, kasukanga kuzo. Impi noMowabi 4 UMesha inkosi yakwaMowabi owayefuyile kakhulu izimvu wathela enkosini yakwa-Israyeli uboya bamawundlu ayizinkulungwane eziyikhulu nobezinqama eziyizinkulungwane eziyikhulu. 5 Kwathi lapho esefile u -Ahabi, inkosi yakwaMowabi yahlubuka inkosi yakwa-Israyeli. 6 Inkosi uJehoramu yaphuma eSamariya ngaleso sikhathi , yabala wonke u - Israyeli. 7 Yaya yathumela kuJehoshafati inkosi yakwaJuda , yathi: Inkosi yakwaMowabi ingihlubukile; ungahamba nami, silwe noMowabi, na? Wathi: Ngiyakwenyuka, mina n jengawe, abantu bami njengabantu bakho , amahhashi ami njengamahhashi akho. 8 Wathi futhi: Siyakwenyuka ngayiphi indlela na ? Yathi: Ngendlela yasehlane lakwa-Edomi. 9 Yayisihamba inkosi yakwa -Israyeli, nenkosi yakwaJuda , nenkosi yakwa - Edomi; azungeza indlela yezinsuku eziyisikhombisa ; kwakungekho manzi empi nawezinkomo ezibalandelayo. 10 Yayisithi inkosi yakwa -Israyeli: Maye, ngokuba uJehova ubuthile lawa makhosi amathathu ukuwanikela esandleni sakwaMowabi! 11 Kepha uJehoshafati wathi : Akakho lapha umprofethi k aJehova ukuba sibuze kuJehova ngaye na ? Enye yezinceku zenkosi yakwa -Israyeli yaphendula yathi : Ukhona u -Elisha indodana kaShafati owathela amanzi ezandleni zika-Eliya. 12 Wayesethi uJehoshafati: Izwi likaJehova likuye . Base behlela kuye inkosi yakwa-Israyeli, noJehoshafati, nenkosi yakwa-Edomi. 13 Kepha u -Elisha wathi enkosini yakwa -Israyeli: Nginamsebenzi muni nawe na? Hamba uye kubaprofethi bakayihlo nakubaprofethi bakanyoko . Kepha inkosi yakwa -Israyeli yathi kuye : Hhayi, ngokuba uJehova ubizile lawo makhosi amathathu ukuwanikela esandleni sakwaMowabi. 14 Wayesethi u-Elisha: Kuphila kukaJehova Sebawoti engimi phambi kwakhe , uma bengingamazisi uJehoshafati inkosi yakwaJuda , ngempela ngingeze ngakubheka, ngingeze ngakubona. 15 Kepha manje ngiletheleni umbethi wogubhu. Kwathi umbethi wogubhu esabetha, isandla sikaJehova saba kuye. 16 Wathi: Usho kanje uJehova, uthi: Yenza lo mfula ube nemigodi ngemigodi. 17 Ngokuba uJehova usho kanje , uthi: Aniyikubona umoya , aniyikubona imvula, kepha lo mfula uyakugcwala amanzi; niyakuphuza nina, nezinkomo zenu, nezinye izilwane zenu. 18 Lokhu kulula emehlweni kaJehova ; uyakunikela abakwaMowabi esandleni senu. 19 Niyakuchitha yonke imizi ebiyelweyo nayo yonke imizi ekhethekileyo ; niyakuwisa yonke imithi emihle, nivimbe yonke imithom bo yamanzi , none zonke iziqephu zomhlaba ngamatshe. 20 Kwathi ekuseni ngesikhathi sokunikela ngomnikelo wempuphu , bheka, kwafika amanzi ngasendleleni yakwa-Edomi, izwe lagcwala amanzi. 21 Sebezwile bonke abakwaMowabi ukuthi amakhosi enyukile ukulwa nabo , babuthana bonke abaqale ukubhinca izikhali kuya phezulu , bema emkhawulweni. 22 Bavuka ekuseni , ilanga lakhanya emanzini , abakwaMowabi bawabona amanzi malungana nabo ebomvu njengegazi; 23 bathi: Lokhu kuyigazi ; ngempela amakhosi alwile , abulalene enye nenye ; ngalokho ekuphangeni-ke, Mowabi! 24 Sebefike ekamu lika -Israyeli, abakwa-Israyeli basuka bashaya abakwaMowabi, baze babaleka ebusweni babo ; bangena ezweni labo bechitha abakwaMowabi. 25 Bachitha imizi , naseziqeshini zonke ezinhle zomhlaba baphonsa , kwaba yilowo nalowo itshe lakhe, bazigcwalisa; bavimba yonke imithombo yamanzi, bawisa yonke imithi emihle , kwaze kwasala amatshe aseKhiri Haresheti kuphela; kepha abezindwayimana bazungeza, balishaya. 26 Yathi ibona inkosi yakwaMowabi ukuthi ukulwa kuyayahlula , yathatha abantu abangamakhulu ayisikhombisa abahosha inkemba ukufohlela enkosini yakwa-Edomi, kepha bahluleka. 27 Yayisithatha izibulo layo ebeliyakubusa esikhundleni sayo , yanikela ngalo libe ngumnikelo wokushiswa phezu kogange . Abakwa-Israyeli behlelwa yintukuthelo enkulu, basuka kuyo, babuyela ezweni lakubo.