Skip to Content

2 AmaKhosi Chapter 2

1 Kwathi lapho uJehova ebeyakumkhuphula u -Eliya aye ezulwini ngesivunguvungu, u-Eliya wasuka eGiligali no-Elisha. 2 U-Eliya wathi ku -Elisha: Ake uhlale lapha , ngokuba uJehova ungithumile eBethele. Kepha u-Elisha wathi : Kuphila kukaJehova nokuphila komphefumulo wakho, angiyikukushiya. Behlela-ke eBethele. 3 Amadodana abaprofethi ayeseBethele aphuma , aya ku -Elisha, athi kuye : Uyazi yini ukuthi uJehova uyakususa inkosi yakho kuwe namuhla na? Wathi: Yebo, ngiyakwazi; thulani. 4 U-Eliya wathi kuye: Elisha, ake uhlale lapha, ngokuba uJehova ungithumile eJeriko. Kepha wathi: Kuphila kukaJehova nokuphila kwakho , angiyikukushiya. Bafika-ke eJeriko. 5 Amadodana abaprofethi ayeseJeriko asondela ku -Elisha, athi kuye: Uyazi yini ukuthi uJehova uyakususa inkosi yakho kuwe namuhla na? Wathi: Yebo, ngiyakwazi; thulani. 6 U-Eliya wathi kuye : Ake uhlale lapha , ngokuba uJehova ungithumile eJordani. Kepha wathi: Kuphila kukaJehova nokuphila kwakho , angiyikukushiya. Bahamba-ke bobabili. 7 Abantu abangamashumi ayisihlanu bamadodana abaprofethi baya bema khashana maqondana nabo; bona bobabili bema ngaseJordani. 8 U-Eliya wathatha ingubo yakhe , wayisonga, washaya amanzi , ahlukana ngalapha nangalapha, bawela bobabili emhlabathini owomileyo. 9 Kwathi sebewelile, u-Eliya wathi ku -Elisha: Cela engiyakukwenzela khona ngingakasuswa kuwe . Wathi u-Elisha: Makuphindwe kabili umoya wakho phezu kwami. 10 Kepha wathi : Ucele into elukhuni ; nokho, uma ungibona lapha ngisuswa kuwe, kuyakuba njalo kuwe; kodwa uma ungangiboni, akuyikuba njalo. 11 Kwathi beselokhu behamba bekhuluma , bheka, nanso inqola yomlilo namahhashi omlilo , kwabahlukanisa bobabili ; u-Eliya wakhuphukela ezulwini ngesivunguvungu. 12 U-Elisha wakubona , wamemeza wathi : Baba, baba, nqola ka -Israyeli nabamahhashi bakhe ! Akabe esambona futhi ; wabamba izingubo zakhe , waziklebhula kabili. U-Elisha ungumprofethi; izimangaliso zakhe 13 Wacosha ingubo ka -Eliya ebiwile kuye, wabuya, wema ngasogwini lwaseJordani. 14 Wayithatha ingubo ka -Eliya ebiwile kuye , washaya amanzi , wathi: Uphi uJehova uNkulunkulu ka-Eliya na? Esewashayile amanzi, ahlukana ngalapha nangalapha; u-Elisha wawela. 15 Esembonile amadodana abaprofethi aseJeriko ayemalungana naye , athi: Umoya ka -Eliya uhlezi phezu kuka -Elisha. Afika ukumhlangabeza , akhothamela phansi phambi kwakhe. 16 Athi kuye : Bheka, kukhona phakathi kwezinceku zakho amadoda angamashumi ayisihlanu anamandla ; mawahambe, afune inkosi yakho ; kumbe uMoya kaJehova umkhuphulile , wamlahla entabeni ethile noma esigodini esithile. Kepha wathi: Ningawathumi. 17 Amncengisisa waze waba namahloni ; wayesethi: Thumani. Ayesethuma abantu abangamashumi ayisihlanu ; bamfuna izinsuku ezintathu , kepha abamtholanga. 18 Babuyela kuye esahlezi eJeriko ; wathi kubo: Angishongo yini kini ukuthi: Ningahambi, na? 19 Kepha abantu bomuzi bathi ku -Elisha: Bheka, isiza somuzi sihle , njengokuba inkosi ibona, kepha amanzi mabi, izwe liyabhulubisa. 20 Wathi: Ngiletheleni isitsha esisha, nibeke usawoti kuso. Basiletha kuye. 21 Waphuma, waya emthonjeni wamanzi, waphonsa kuwo usawoti , wathi: Usho kanje uJehova, uthi: Ngelaphile lawa manzi; akusayikuvela ukufa kuwo nokubhuluba. 22 Elashwa-ke amanzi kuze kube namuhla njengezwi lika-Elisha alikhulumayo. 23 Wenyuka lapho , waya eBethele ; esenyuka endlelni , kwaphuma abafana emzini, bamklolodela, bathi kuye : Yenyuka wena mpandlandini ! Yenyuka wena mpandlandini! 24 Wabheka emva kwakhe , wababona, wabaqalekisa egameni likaJehova . Kwase kuphuma ehlathini amabhere amabili ezinsikazi , adwengula abafana abangamashumi amane nambili kubo. 25 Wasuka khona , waya entabeni yaseKarmeli ; esuka lapho wabuyela eSamariya.