2 AmaKhosi Chapter 1
1
UMowabi wahlubuka kwa-Israyeli emva kokufa kuka-Ahabi.
2
U-Ahaziya wawa eheleni lekame lo lakhe eliphezulu laseSamariya , wagula, wathuma izithunywa , wathi kuzo : Hambani nibuze kuBali Zebubi unkulunkulu wase-Ekroni, uma ngiyakusinda kulokhu kugula kwami.
3
Kepha ingelosi kaJehova yathi ku -Eliya waseThishibi : Suka ukhuphuke ukuhlangabeza izithu nywa zenkosi yaseSamariya , uthi kuzo : Kungokuba kungekho Nkulunkulu kwa -Israyeli ukuba niye nibuze kuBali Zebubi unkulunkulu wase-Ekroni na?
4
Ngalokho uJehova usho kanje , uthi: Umbhede okhuphukele kuwo awuyikwehlika kuwo, kepha uyakufa nokufa. Wayesesuka u-Eliya.
5
Izithunywa zabuyela kuye; wathi kuzo: Nibuyeleni na?
6
Zathi kuye : Kwakhuphuka umuntu ukuba asihlangabeze, wathi kithi : Hambani, nibuyele enkosini enithumileyo , nithi kuyo: Usho kanje uJehova , uthi: Kungokuba kungekho Nkulunkulu kwa -Israyeli ukuba uthume ukubuza kuBali Zebubi unkulunkulu wase-Ekroni na? Ngalokho umbhede okhuphukele kuwo awuyikwehlika kuwo, kepha uyakufa nokufa.
7
Wathi kuzo : Bekungumuntu onjani owakhuphuka ukunihlangabeza , wanitshela lawo mazwi na?
8
Zathi kuye : Umuntu wayenengubo yoboya, ebhince ibhande lesikhumba okhalweni lwakhe. Wathi: Bekungu-Eliya waseThishibi.
9
Wayesethuma kuye induna yamashumi ayisihlanu inamashumi ayisihlanu ayo. Yakhuphukela kuye; bheka, wayehlezi esiqongweni sentaba. Yakhuluma kuye, yathi: We muntu kaNkulunkulu, inkosi ishilo ukuthi: Yehla.
10
U-Eliya waphendula , wathi enduneni yamashumi ayisihlanu : Uma ngingumuntu kaNkulunkulu , makwehle umlilo ezulwini , ukuqede wena namashumi ayisihlanu akho . Wehla-ke umlilo ezulwini , wayiqeda yona namashumi ayisihlanu ayo.
11
Wabuye wathuma kuye enye induna yamashumi ayisihlanu inamashumi ayisihlanu ayo . Yathatha yathi kuye : We muntu kaNkulunkulu , isho kanje inkosi, ithi: Shesha wehle.
12
Wayesephendula u -Eliya, wathi kubo : Uma ngingumuntu kaNkulunkulu , makwehle umlilo ez ulwini, ukuqede wena namashumi ayisihlanu akho . Wehla-ke umlilo kaNkulunkulu ezulwini , wayiqeda yona namashumi ayisihlanu ayo.
13
Wabuye wathuma induna yesithathu yamashumi ayisihlanu inamashumi ayisihlanu ayo . Yakhuphuka le nduna yesithathu yamashumi ayisi hlanu, yafika yaguqa ngamadolo phambi kuka -Eliya, yamnxusa, yathi kuye : We muntu kaNkulunkulu , ukuphila kwami nokuphila kwalezi zinceku zakho ezingamashumi ayisihlanu makube yigugu emehlweni akho.
14
Bheka, kwehle umlilo ezulwini , waqeda izinduna zamashumi ayisihlanu ezimbili zokuqala zinamashumi ayisihlanu azo; kepha manje makube yigugu emehlweni akho ukuphila kwami.
15
Ingelosi kaJehova yathi ku -Eliya: Yehla naye, ungamesabi. Wasuka wehla naye, waya enkosini.
16
Wayesethi kuyo : Usho kanje uJehova , uthi: Lokhu uthume izithunywa ukubuza kuBali Zebubi unkulunkulu wase -Ekroni kungokuba kungekho Nkulunkulu kwa -Israyeli ukuba kubuzwe ngezwi lakhe na ? Ngalokho awuyikwehlika embhedeni okhuphukele kuwo, kepha uyakufa nokufa.
17
Yayisifa njengezwi likaJehova alikhulum ileyo u-Eliya. UJehoramu waqala ukubusa esikhundleni sakhe ngomnyaka wesibili kaJehoramu indodana kaJehoshafati, inkosi yakwaJuda, ngokuba wayengenandodana.
18
Ezinye izindaba zika -Ahaziya azenzayo angithi zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?