2 kwabaseKorinte Chapter 10
1
Kepha mina Pawulu uqobo ngiyanincenga ngobumnene nangokuva kukaKristu, mina engithobile phambi kwenu nxa ngikhona , kepha nginesibindi kini nxa ngingekho,
2
ngiyacela ukuba, nxa ngikhona, kungasweleki ukuba ngibasukele ngesibindi engiqonde ukuba naso kwabanye abasho ngathi ukuthi sihamba ngokwenyama.
3
Ngokuba noma sihamba sisenyameni kasilwi ngokwenyama,
4
ngokuba izikhali zethu zokulwa kasizo ezenyama , kodwa ngaye uNkulunkulu zinamandla okubhidliza izinqaba, sichitha izizindlo,
5
nakho konke okudephileyo okuziphakamisela ukuthiyana nokumazi uNkulunkulu, namacebo onke siwathumbela ukumlalela uKristu;
6
futhi silungele ukujezisa ukungalaleli konke , nxa sekuphelele ukulalela kwenu.
7
Bhekani lokhu okuphambi kobuso . Uma umuntu ezeth emba yena ukuthi ungokaKristu, makabuye aqonde lokhu ngokwakhe ukuthi , njengokuba yena engokaKristu, sinjalo nathi.
8
Ngokuba noma ngingaze ngizibonge ngaphezulwana ngamandla ethu eyasipha wona iNkosi ukuba nakhiwe kungengukuba nibhidlizwe , angiyikujabhiswa,
9
ukuze ngingabi njengokungathi benginethusa nje ngezincwadi.
10
Ngokuba izincwadi -ke bathi zinzima , zibukhali, kepha nxa ekhona ngomzimba, ubuthakathaka, ukukhuluma kwakhe kudelelekile.
11
Onjalo makaqonde lokhu ukuthi lokhu esiyikho ngamazwi ezincwadi nx a singekho, siyakuba yikho ngesenzo nxa sikhona.
12
Ngokuba asinasibindi sokuzilinganisa nokuzifanisa nabathile babo abazincomayo. Kodwa bona, nxa bezilinganisa ngezingqobo zabo , bezifanisa nezingqobo zabo, kaba namqondo.
13
Kepha thina asiyikuzibonga ngaphezu kokulinganisa, kodwa ngesilinganiso sendawo esiyisilinganiso asilinganisele sona uNkulunkulu , ukuze sifinyelele nakini.
14
Ngokuba asizeluli ngokweqisa ngokungathi asifinyeleli kini , ngokuba sifikile kwaze kwaba nakini ngevangeli likaKristu,
15
singazibongi ngemisebenzi yabanye ngaphezu kokulinganisa , kepha sinethemba lokuthi ngokukhula kokukholwa kwenu , siyakukhuliswa kakhulu impela kini endaweni yethu,
16
size sishumayele ivangeli nasezindaweni ezingaphambi kwakini, singazibongi ngezinto esezenziwe endaweni yomunye.
17
Kepha ozibongayo makazibonge eNkosini.
18
Ngokuba akusiye ozincomayo ovunywa abongwe , kepha yilowo iNkosi emncomayo.