KwabaseRoma Chapter 13
1
Akube yilowo nalowo azithobe phansi kwamandla ombuso , ngokuba akukho mandla ombuso angaveli kuNkulunkulu ; lawa a khona amiswe nguNkulunkulu.
2
Ngakho-ke omelana namandla ombuso umelana nesimiso sikaNkulunkulu ; kepha abamelana nakho bayakwamukeliswa ukulahlwa.
3
Ngokuba ababusi abesabeki kwabenza okuhle , kodwa kwabenza okubi . Kepha uyathanda yini ukungesabi amandla ombuso na ? Yenza okuhle , uyakubongwa yiwo;
4
ngokuba uyisikhonzi sikaNkulunkulu , kube kuhle kuwe . Kepha uma wenza okubi, yesaba; ngokuba awuyiphatheli ize inkemba ; ngokuba uyisikhonzi sikaNkulunkulu, umphindiseli wokwehlisela ulaka kowenza okubi.
5
Ngalokho kuswelekile ukuwuthobela, kungabi kuphela ngenxa yolaka kodwa nangenxa kanembeza.
6
Ngokuba ngenxa yalokho nikhipha intela ; ngokuba bayizikhonzi zikaNkulunkulu ezikhuthalela khona lokho.
7
Nikani bonke okubafaneleyo : intela kofanele intela , inkokhiso kofanele inkokhiso, ukwesaba kofanele ukwesatshwa, udumo kofanele udumo. Ukuthanda abazalwane
8
Ningabi nacala lani nakubani , kuphela elokuthandana ; ngokuba othanda omunye uwugcwalisile umthetho.
9
Ngokuba lokhu ukuthi : Ungaphingi, ungabulali, ungebi, ungafisi, noma ukhona omunye umyalelo , kuyahlanganiswa kuleli zwi elithi : Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.
10
Uthando alwenzi okubi kumakhelwane ; ngakho-ke uthando lungukugcwaliseka komthetho. Ukuhamba ekukhanyeni
11
Yenzani lokhu, njengokuba nazi isikhathi ukuthi sekuyihora lokuba nivuke ebuthongweni; ngokuba manje insindiso isisondele kithi kunaleso sikhathi esaqala ukukholwa ngaso.
12
Ubusuku sebuyaphela , imini isisondele . Ngakho-ke asilahle imisebenzi yobumnyama, sihlome izikhali zokukhanya.
13
Asihambe ngokufaneleyo njengasemini , kungabi ngokuminza nokudakwa , kungabi ngobufebe namanyala, kungabi ngokuxabana nomhawu;
14
kodwa yembathani iNkosi uJesu Kristu , ninganakekeli inyama kuvuswe izinkanuko.