Skip to Content

KwabaseRoma Chapter 12

1 Ngakho ngiyani ncenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu, kube ngukukhonza kwenu kokuqonda; 2 ningalingisi leli zwe , kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe ntsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo. Ukuthobeka 3 Ngokuba ngomusa engiwuphiweyo ngisho kulowo nalowo phakathi kwenu ukuthi angacabangi athi mkhulu kunalokho afanele ukukucabanga , kodwa acabange kube ngokuqond a, njengalokho uNkulunkulu abele lowo nalowo isilinganiso sokukholwa. 4 Ngokuba njengalokhu sinezitho eziningi emzimbeni munye , kepha izitho zonke azinamsebenzi munye, 5 kanjalo thina esibaningi simzimba munye kuKristu , kepha ngabanye siyizitho, omunye esomunye. 6 Sinezipho zomusa ezahlukileyo ngokomusa esiwuphiweyo ; uma singesokuprofetha, asiprofethe ngesilinganiso sokukholwa; 7 uma singesokukhonza, kube senkonzweni; ofundisayo, kube sekufundiseni, 8 oyalayo, ekuyaleni; owabayo, enze ngobuqotho ; oholayo, ngenkuthalo; ohawukelayo, ngentokozo. Uthando nokuphathana kahle 9 Uthando malungabi nakuzenzisa; nenyanye okubi, nibambelele kokuhle; 10 thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane ; ekwazisaneni nandulelane; 11 ekukhuthaleni ningenqeni, nivuthe emoyeni, nikhonze iNkosi; 12 ethembeni nithokoze; osizini nibekezele; ekukhulekeni niqinisele njalo; 13 hlanganyelani nabangcwele ekusweleni kwabo , nikhuthalele ukungenisa izihambi. 14 Babusiseni abanizingelayo; busisani, ningaqalekisi. 15 Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo. 16 Manibe nhliziyonye ; ningazindli okuphakemeyo , kodwa yaneliswani ngokuphansi. Ningazishayi abahlakaniphileyo. 17 Ningaphindiseli muntu okubi ngokubi ; nakani okuhle phambi kwabantu bonke; 18 uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke; 19 ningaziphindiseli nina bathandwa , kodwa dedelani ulaka , ngokuba kulotshiwe ukuthi : Ngokwami ukuphindisela , ngiyakubuyisela mina , isho iNkosi. 20 Kepha: Uma isitha sakho silambile , siphe sidle ; uma somile , siphuzise, ngokuba ngokwenza lo kho uyakube ufumbela amalahle avuthayo ekhanda laso. 21 Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.