2 uSamuweli Chapter 2
1
Kwathi emva kwalokho uDavide wabuza kuJehova, wathi: Ngenyukele yini komunye wemizi yakwaJuda na ? UJehova wathi kuye : Yenyuka. Wathi uDavide: Ngenyukelephi na? Wathi: EHebroni.
2
Wayesenyukela khona uDavide nabafazi bakhe ababili , o-Ahinohama waseJizreyeli no-Abigayili umkaNabali waseKarmeli.
3
Abantu bakhe ababe noDavide wabenyusa , kwaba yilowo nalowo nomuzi wakhe; bahlala emizaneni yaseHebroni.
4
Bafika abantu bakwaJuda , bamgcoba khona uDavide abe yinkosi yendlu yakwaJuda. Bamtshela uDavide ukuthi : Abantu baseJabesh i Gileyadi yibo abammbela uSawule.
5
UDavide wayesethuma izithunywa kubantu baseJabeshi Gileyadi , wathi kubo: Manibusiswe nguJehova , ngokuba nenzile lowo musa kuyo inkosi yenu, uSawule, nammbela.
6
Manje uJehova makanenzele umusa neqiniso , nami nginibuyisele lowo musa, ngokuba niyenzile leyo nto.
7
Ngalokho maziqine izandla zenu , nibe nesibindi , ngokuba uSawule inkosi yenu ufile; indlu yakwaJuda ingigcobile ngibe yinkosi yayo.
8
U-Abineri indodana kaNeri induna yempi kaSawule wayethathile u -Ishi Bosheti indodana kaSawule, wamwelisela eMahanayimi,
9
wambeka inkosi kwaGileyadi , nakuma-Ashurimi, naseJizreyeli, nakwa- Efrayimi noBenjamini, nakwa-Israyeli wonke.
10
U-Ishi Bosheti indodana kaSawule wayeneminyaka engamashumi amane ekuqaleni kwakhe ukubusa phezu kuka -Israyeli; wabusa iminyaka emibili . Kepha indlu yakwaJuda yamlandela uDavide.
11
Isikhathi uDavide eyinkosi ngaso eHebroni phezu kwendlu yakwaJuda sasiyiminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha. Ukulwa kuka-Ishi Bosheti noDavide. Impi yaseGibeyoni
12
U-Abineri indodana kaNeri nezinceku zika -Ishi Bosheti indodana kaSawule baphuma eMahanayimi, baya eGibeyoni.
13
UJowabe indodana kaSeruya nezinceku zikaDavide baphuma bahlangana ngasechibini laseGibeyoni; bahlala phansi , abanye ngalapha kwechibi , abanye ngalapho kwechibi.
14
U-Abineri wathi kuJowabe : Ake zisuke izinsizwa , ziqakulizane phambi kwethu. UJowabe wathi: Mazisuke.
15
Zase zisuka , zawela ngamanani , eziyishumi nambili kwaBenjamini naku - Ishi Bosheti indodana kaSawule, neziyishumi nambili ziyizinceku zikaDavide.
16
Zabambana ngekhanda , zagwaza ngenkemba ohlangothini lwezimelene nazo, zawa kanyekanye ; ngalokho leyo ndawo yabizwa ngokuthi iHelikati Hasurimi eliseGibeyoni.
17
Kwakuyimpi enzima ngalolo suku ; u-Abineri wahlulwa kanye nabantu bakwa-Israyeli phambi kwezinceku zikaDavide.
18
Amadodana amathathu kaSeruya ayelapho , oJowabe, no-Abishayi, no- Asaheli; u-Asaheli wayenezinyawo ezilula njengensephe.
19
U-Asaheli wamxosha u -Abineri; ekuhambeni kwakhe akachezukanga ngakwesokunene nangakwesokhohlo ekumlandeleni u-Abineri.
20
U-Abineri wabheka emuva, wathi: Ungu-Asaheli na? Wathi: Yimi.
21
U-Abineri wayesethi kuye : Chezukela ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ubambe enye yezinsizwa, uthathe izikhali zakhe. Kepha u- Asaheli akavumanga ukuchezuka ekumlandeleni.
22
U-Abineri wabuye wathi ku -Asaheli: Chezuka ekungilandeleni; yini ukuba ngikucekele phansi na ? Ngingaphakamisa kanjani ubuso bami ngakuJowabe umfowenu na?
23
Wala nokho ukuchezuka ; ngalokho u -Abineri wamgwaza esiswini ngesidunu somkhonto , waze waphuma emuva umkhont o; wawela khona , wafela khona lapho ; kwathi bonke abafika endaweni u -Asaheli awele kuy o wafa, bema.
24
Kepha oJowabe no -Abishayi bamxosha u -Abineri; ilanga lashona befike ngasegqumeni lase -Ama elingaphambi kweGiya ngasendleleni yasehlane laseGibeyoni.
25
Abantwana bakwaBenjamini babuthana emva kuka -Abineri, baba yiviyo linye, bema esiqongweni segquma elithile.
26
U-Abineri wayesememeza kuJowabe , wathi: Inkemba iyakudla njalonjalo na? Awazi yini ukuthi kuyakuba khona umunyu ekugcineni na ? Koze kube nini ungabayali abantu ukuba babuye ekubalandeleni abafowabo na?
27
UJowabe wathi : Kuphila kukaNkulunkulu , uma ubungakhulumanga , ngempela abantu bonke bebeyakube sebenyukile kusasa ekuxosheni abafowabo.
28
UJowabe wayesebetha icilongo; bonke abantu bema, ababe besamxosha u- Israyeli, futhi ababe besalwa.
29
U-Abineri nabantu bakhe badabula i -Araba bonke lobo busuku , bawela iJordani, badabula lonke iBitroni, bafika eMahanayimi.
30
UJowabe wabuya ekumxosheni u -Abineri; lapho esebuthile bonke abantu , kwasilala kuzo izinceku zi kaDavide abantu abayishumi nesishiyagalolunye no-Asaheli.
31
Kepha izinceku zikaDavide zazibulele abakwaBenjamini nabaka -Abineri, kwafa abantu abangamakhulu amathathu namashumi ayisithupha.
32
Bamthatha u -Asaheli, bammbela ethuneni likayise elaliseBethlehema . UJowabe nabantu bakhe bahamba ubusuku bonke, kwasa beseHebroni.