KwabaseKolose Chapter 2
1
Ngokuba ngiyathanda ukuba nazi ukuthi kukhulu kangaka nani ukulwa enginakho ngenxa yenu nabaseLawodikeya nabo bonke abangabonanga ubuso bami ngamehlo,
2
ukuze izinhliziyo zabo ziduduzwe , behlanganisiwe othandweni babe nengcebo yonke yokwazi okuphelele , bazisise imfihlakalo kaNkulunkulu enguKristu,
3
okufihlwe kuye amagugu onke okuhlakanipha nowokwazi.
4
Ngikusho lokhu, ukuze kungabikho muntu onikhohlisa ngamazwi okuyenga.
5
Ngokuba noma ngingekho ngomzimba , nokho ngikhona kini ngomoya ngithokoza, ngibona inhlelo yenu nokuqina kokukholwa kwenu kuKristu.
6
Ngakho-ke njengalokho nimamukele uKristu Jesu iNkosi, hambani nikuye,
7
nigxilile, nakhiwe kuye, niqinisiwe ekukholweni, njengalokho nifundisiwe, nivame ukubonga.
8
Xwayani funa kube khona onithumbayo ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize njengokwemvelo yabantu , njengezifundiso zokucathula kwezwe , kungenjengokukaKristu. KuKristu kukhona konke ukuphelela kukaNkulunkulu
9
Ngokuba kuhlala kuye ngokomzimba ukugcwala konke kobuNkulunkulu;
10
nigcwalisiwe kuye, yena oyinhloko yemibuso yonke namandla,
11
enasokela kuye f uthi ngokusoka okungenziwanga ngezandla ngokukhumula umzimba wenyama, ngokusoka kukaKristu;
12
nimbelwe kanye naye ngombhapathizo , okungawo futhi navuswa kanye naye ngokukholwa ngamandla kaNkulunkulu owamvusa kwabafileyo.
13
Nani-ke ebenifile ngeziphambeko nangokungasoki kwenyama yenu wanenza nibe ngabaphilayo kanye naye esithethelela zonke izono zethu;
14
esehlangule incwadi yecala lethu , emelana nathi ngemiyalo yayo , wayeyisusa ngokuyibethela esiphambanweni;
15
ebaphucile ababusi nabanamandla izikhali waba thela ngehlazo obala , ebanqoba ngaso. Ukuxwayisa ngezifundiso zamanga
16
Ngakho makungabikho muntu onilahla ngokudla nesiphuzo , noma ngemikhosi, noma ukwethwasa kwenyanga, noma amasabatha,
17
okuyisithunzi nje salokhu obekuzakuza; kepha umzimba ngokaKristu.
18
Makungabikho muntu onamuka umvuzo wenu, othanda ukuzenza othobile ekhonza izingelosi , ephike ngemibono yakhe , ezikhukhumeza ngeze ngengqondo yakhe yenyama,
19
engabambeleli kuye oyinhloko , okungaye umzimba wonke usizwa , uhlanganiswa ngamalungu nemisipha, ukhula ngokukhula kukaNkulunkulu.
20
Uma nifile kanye noKristu nakhululwa ezifundisweni zokucathula kwezwe, yini ukuba okungathi nisaphila ngokwezwe nithobele izifundiso zokuthi:
21
Ungaphathi, ungezwa ngolimi, ungathinti,
22
okuphela konke ngokudliwa ngokweziyalezo nezifundiso zabantu
23
ezinegama lokuhlakanipha kambe ngokuzikhethela inkonzo , nangokuzithoba, nangokuhlupha umzimba ; akusizi lutho maqondana nokuzithiba kwenyama.