"wabuya"
22 occurrences in ZUL
UJoshuwa wabuya ngaleso sikhathi, wathatha iHasori, wabulala inkosi yalo ngenkemba, ngokuba iHasori laliyinhloko yayo yonke leyo mibuso kuqala.
Kepha yena wabuya endaweni yezithombe ezibaziweyo engaseGiligali , wathi: Nginendaba eyisifuba kuwe nkosi. Wathi: Thulani. Base bephuma bonke ababemi ngakuye.
Emva kwesikhathi wabuya ukuba amthathe, waphambuka ukuyobona isidumbu sengonyama ; bheka, kwakukhona iqulo lezinyosi esidumbini sengonyama kanye noju.
Kodwa uNkulunkulu wadabula isigoxi esiseLehi, kwaphuma amanzi kuso; lapho esephuzile , umoya wakhe wabuya , wahlumeleleka; ngalokho igama laso labizwa ngokuthi i-Eni Hakore eliseLehi kuze kube namuhla.
UBenjamini wabuya ngaleso sikhathi ; babanika abesifazane ababebasindisile kwabesifazane baseJabeshi Gileyadi; kepha ababanelanga.
Wabuya-ke uNawomi kanye noRuthe wakwaMowabi umalokazana wakhe owabuya ezweni lakwaMo wabi, bafika eBetlehema ekuqaleni kokuvunwa kwebhali.
UDavide walichitha izwe , akashiyanga muntu ephilile , owesilisa nowesifazane, wathatha izimvu , nezinkabi, nezimbongolo, namakamela, nezingubo, wabuya, wafika ku-Akhishi.
UJowabe wabuya ekumxosheni u -Abineri; lapho esebuthile bonke abantu , kwasilala kuzo izinceku zi kaDavide abantu abayishumi nesishiyagalolunye no-Asaheli.
Wabuya ekumlandeleni , wathatha izinkabi zombili , wazihlaba, wapheka inyama yazo ngempahla yezinkabi , wabapha abantu , badla. Wayesesuka, wamlandela u-Eliya, wamkhonza.
UGehazi wadlulela ngaphambi kwabo , walubeka udondolo ebusweni bomntwana; akwabakho zwi nakunaka . Ngalokho wabuya ukumhlangabe za, wamtshela ukuthi: Umntwana akavukanga.
Kwathi ngasekupheleni kweminyaka eyisikhombisa lowo wesifazane wabuya ezweni lamaFilisti; waphuma, wazikhalela enkosini ngendlu yakhe nangezwe lakhe.
Kwathi lapho uJerobowamu indodana kaNebati ekuzwile ngokuba wayeseGibithe, lapho ayebalakele khona, ebalekele ubuso benkosi uSolomoni uJerobowamu wabuya eGibithe.