AbAhluleli Chapter 15
1
Kodwa kwathi emva kwesikhathi, ngesikhathi sokuvuna ukolweni, uSamsoni wahambela umkakhe enezinyane lembuzi ; wathi: Ngiyakungena kumkami ekamelweni. Kepha uyise kavumanga ukuba angene.
2
Uyise wathi : Bengithi impela umalile nokumala ; ngalokho ngamnika umngane wakho; udadewabo omelamayo kamuhle kunaye na? Ake umthathe esikhundleni sakhe.
3
USamsoni wathi kubo : Okwalesi sikhathi anginacala kumaFilisti , uma ngiwenzela okubi.
4
USamsoni wahamba, wabamba izimpungushe ezingamakhulu amathathu , wathatha izikhuni , wazibhekisana ngemisila , wafaka isikhuni phakathi kwemisila ngamibili.
5
Wazithungela izikhuni ngomlilo , wazivumela ukuba zingene phakathi kwamabele amaFilisti engakavunwa , washisa am aqhinqa nezinhlanga zamabele kanye nezivini neminqumo.
6
AmaFilisti ayesethi : Ngubani okwenzile lokho na ? Bathi: NguSamsoni, umkhwenyana wowaseThimna , ngokuba yena uthathe umkakhe , wamnika umngane wakhe. AmaFilisti akhuphuka, amshisa yena noyise ngomlilo.
7
USamsoni wathi kubo : Uma nenze njalo , impela ngiyakuphindisela kini , andukuba ngiyeke.
8
Wababulala ithebe nethanga ngokubulala okukhulu ; wehla, wahlala ofantwini lwedwala lase-Etamu. USamsoni ubulala ngomhlathi wembongolo
9
AmaFilisti akhuphuka, amisa kwaJuda, ahlakazeka eLehi.
10
Abantu bakwaJuda bathi : Nisikhuphukeleleni na ? Bathi: Sikhuphukele ukuba simbophe uSamsoni, senze kuye njengalokho enze kithina.
11
Abantu abayizinkulungwane ezintathu bakwaJuda behlela ofantwini lwedwala lase -Etamu, bathi kuSamsoni : Awukwazi yini ukuthi amaFilisti abusa phezu kwethu na ? Kuyini, pho, lokho okwenzile kithina na ? Wathi kubo: Njengalokho benza kimi, ngenze njalo kubo.
12
Base bethi kuye : Sehlele ukuba sikubophe , ukuze sikunikele esandleni samaFilisti. USamsoni wathi kubo : Fungani kimi ukuthi nina aniyikungisukela.
13
Basho kuye , bathi: Qha, kepha siyakukubopha nokukubopha , sikunikele esandleni sawo , kodwa impela asiyikukubulala . Bambopha ngezintambo ezimbili ezintsha, bamkhuphulela edwaleni.
14
Lapho efika eLehi , amaFilisti amhlangabeza ekhamuluka; uMoya kaJehova wafika kuye ngamandla , izintambo ezazisezingalweni zakhe zaba njengefilakisi elishiswe ngomlilo , nezibopho zakhe zancibilika , zasuka ezandleni zakhe.
15
Wafumana umhlathi wembongolo osemusha , welula isandla sakhe , wawuthatha, wabulala ngawo abantu abayinkulungwane.
16
Wathi uSamsoni : Ngomhlathi wembongolo ngibulele inqwaba , yebo, izinqwaba ezimbili, ngomhlathi wembongolo abantu abayinkulungwane.
17
Kwathi eseqedile ukukhuluma , wawulahla umhlathi esandleni sakhe ; leyo ndawo yathiwa iRamati Lehi.
18
Wayesomile kakhulu, wakhala kuJehova, wathi: Wenzile lokhu kukhululeka okukhulu ngesandla senceku yakho ; kepha manje sengiyakufa ukoma , ngiwele esandleni sabangasokile.
19
Kodwa uNkulunkulu wadabula isigoxi esiseLehi, kwaphuma amanzi kuso; lapho esephuzile , umoya wakhe wabuya , wahlumeleleka; ngalokho igama laso labizwa ngokuthi i-Eni Hakore eliseLehi kuze kube namuhla.
20
Wahlulela u -Israyeli ngezinsuku zamaFilisti iminyaka engamashumi amabili.